Wonke umuntu okholwa kuNkulunkulu futhi abuyele kuNkulunkulu unengqondo engavamile. Lokhu okuhlangenwe nakho kuhlukile.

ULwesine, Disemba 19, 2019

Indawo Yokuphila Eyisisekelo uNkulunkulu Ayenzela Isintu——Amazinga okushisa nokubanda

Into yesibili amazinga okushisa nokubanda. Wonke umuntu uyazi ukuthi ayini amazinga okushisa nokubanda. Amazinga okushisa nokubanda yinto leyo indawo efanele ukuphila abantu okumele ibe nayo. Uma amazinga okushisa ephezulu kakhulu, ake sithi uma amazinga okushisa engaphezulu kwama-degrees Celsius angama-40, lokho kusho ukuthi kuzoba kubi kakhulu ngabantu ukuphila lapho. Abengeke yini anciphe kakhulu? Yini engenzeka uma amazinga okushisa ephansi kakhulu, efika kuma-degrees Celsius angaphansi kwezinga-qhwa elingama-40? Abantu bebengeke bakwazi ukuwamela. Ngakho-ke, uNkulunkulu wayecophelela kakhulu ekubekeni lawa mazinga okushisa nokubanda. Amazinga okushisa lawo umzimba womuntu ongamelana nawo yilawo angaphansi kwama-degrees Celsius angama-30 ukufinyelela kwangama-40. Lawa amazinga okushisa nokubanda ayisisekelo kusukela enyakatho kuye eningizimu. Ezindaweni ezibandayo, amazinga okushisa nokubanda angafika cishe kuma-degrees Celsius angaphansi kwezinga-qhwa elingama-50. Indawo enjalo akuyona indawo uNkulunkulu avumela abantu ukuba bahlale kuyo. Kungani kunezindawo ezibanda kangako? Kulokhu kunokuhlakanipha nezinhloso zikaNkulunkulu. Akanivumeli ukuba nisondele eduze kwalezo zindawo. UNkulunkulu uyazivikela izindawo ezishisa kakhulu nezibanda kakhulu, ngokuthi angavumeli abantu bahlale lapho. Akuyona indawo yokuhlala isintu. Kungani avumela izindawo ezinjalo ukuba zibe khona emhlabeni? Uma uNkulunkulu ubengeke avumele abantu ukuhlala lapho noma babe khona lapho, manje kungani uNkulunkulu ezidalile? Kulokhu kunokuhlakanipha kukaNkulunkulu. Kusho ukuthi, amazinga okushisa ayisisekelo endawo yokuphila abantu alungiswe ngokufanele nguNkulunkulu. Kunomthetho futhi lapha. UNkulunkulu udale ezinye izinto ukuthi zikwazi ukumelana namazinga okushisa nokubanda anjalo, ukulawula la mazinga okushisa nokubanda. Yiziphi izinto ezisetshenziswayo ukugcina la mazinga okushisa nokubanda? Okokuqala, ilanga lingalethela abantu ukufudumala, kodwa abantu angeke bakwazi ukulimela uma lifudumele kakhulu. Ingabe kukhona into emhlabeni engasondela kakhulu elangeni? (Cha.) Kungani kungenjalo? Lishisa kakhulu. Kuzoncibilika. Ngakho-ke, uNkulunkulu ubuye wenza isilinganiso esithile sebanga lelanga eliqhelile kubantu. UNkulunkulu unendinganiso yaleli banga. Kukhona futhi nendawo engasekugcineni komhlaba ngaseNingizimu nangaseNyakatho. Kunani endaweni engasekugcineni komhlaba ngaseNingizimu naseNyakatho? Yiqhwa kuphela. Ingabe isintu singahlala eqhweni? Ingabe ikulungele ukuhlalwa ngabantu? (Cha.) Cha, ngakho angeke niye lapho. Njengoba ningayi lapho ezindaweni ezingasekugcineni komhlaba ngaseNingizimu nangaseNyakatho, amaqhwa azolondolozeka, futhi azokwazi ukudlala indima yawo, yokulawula amazinga okushisa nokubanda. Niyathola? Uma ngabe akukho zindawo ezingasekugcineni komhlaba ngaseNingizimu nangaseNyakatho futhi ilanga lihlala njalo likhanyise umhlaba, bonke abantu emhlabeni bangafa ukushisa. Ingabe uNkulunkulu usebenzisa nje lezi zinto ezimbili ukulawula amazinga okushisa nokubanda? Cha, akasebenzisi nje lezi zinto ezimbili ukulawula amazinga okushisa nokubanda afanele ukuphila kwabantu. Kukhona nezinhlobonhlobo zezinto eziphilayo, ezinjengotshani esigangeni, izinhlobo ezahlukene zezihlahla nazo zonke izinhlobo zezitshalo emahlathini. Zidonsa ukushisa kwelanga futhi zihlanganise ukufudumala kwamandla elanga ukulawula amazinga okushisa nokubanda abantu abahlala kuwona. Kukhona nemithombo yamanzi, njengemifula namachibi. Indawo yemifula namachibi akuyona into enganqunywa nayinoma ngubani. Ingabe ukhona ongalawula ukuthi angakanani amanzi asemhlabeni, lapho amanzi agelezela khona, indlela agelezela kuyo, umthamo wamanzi, noma isivinini agijima ngaso? Akekho ongawalawula. UNkulunkulu kuphela owaziyo. Le mithombo eyehlukene yamanzi, kuhlanganise namanzi angaphansi komhlaba nemifula namachibi angaphezu komhlaba lawo abantu abangawabona, angalawula amazinga okushisa nokubanda alapho abantu bahlala khona. Ngaphandle kwalokho, kunezinhlobo eziningi zokwakheka kokuma kwezwe, njengezintaba, amathafa, izigodi namaxhaphozi. Izindawo nobukhulu balokhu kwakheka kokuma kwezwe okwahlukene konke kungakwazi ukulawula amazinga okushisa nokubanda. Ngokwesibonelo, uma intaba inobubanzi bamakhilomitha ayi-100, la makhilomitha ayi-100 azoba nomthelela wamakhilomitha ayi-100. Ukuthi zingaki nje izintaba eziwukhahlamba ezinjalo nezigodi uNkulunkulu azidalile emhlabeni, lokhu yinto uNkulunkulu ayicabangisisile. Ngamanye amazwi, kukho konke okukhona okudalwe nguNkulunkulu kunenjongo ethile, kanti futhi kuqukethe ukuhlakanipha namasu kaNkulunkulu. Ake senze isibonelo, amahlathi nazo zonke izinhlobo zezimila—indawo kanye nobukhulu bendawo lapho zikhula khona angeke kulawulwe umuntu, noma umuntu abe nezwi lokugcina kulezi zinto. Ukuthi zimunca amanzi angakanani, ukuthi zidonsa amandla angakanani okushisa elangeni nakho kungelawulwe yinoma yimuphi umuntu. Zonke lezi zinto zisendaweni lapho zahlelwa khona uNkulunkulu ngenkathi edala zonke izinto.

Kungenxa yokuhlela kungokucophelela, ukucabanga, nangamalungiselelo kaNkulunkulu kuphela kuzo zonke izinto umuntu angahlala endaweni enamazinga afanele kangaka okushisa nokubanda. Ngakho-ke, yonke into umuntu ayibonayo ngamehlo akhe, njengelanga, noma izindawo ezingasekugcineni komhlaba ngaseNingizimu nangaseNyakatho abantu abahlala bezwa ngazo, kanye nezinto ezahlukene eziphila ngaphezulu nangaphansi komhlaba kanye nasemanzini, nezindawo zamahlathi nezinye izinhlobo zezimila, nemithombo yamanzi, izinhlobonhlobo zamachibi, ubungako bamanzi asolwandle namanzi ahlanzekile akhona, kanye nezindawo zokuma kwezwe ezahlukene—uNkulunkulu usebenzisa lezi zinto ukugcina amazinga okushisa nokubanda afanele ukuze abantu baphile. Lokhu kungokwempela. Kungenxa yokucabangela kukaNkulunkulu kuphela ukuthi umuntu angaphila endaweni enalawo mazinga okushisa nokubanda afanele. Angeke kubande kakhulu noma kushise kakhulu: Izindawo ezishisa kakhulu lapho amazinga okushisa edlula lokho umzimba womuntu ongakumela azilungiselelwe nina uNkulunkulu. Izindawo ezibanda kakhulu lapho amazinga okushisa nokubanda ephansi kakhulu; izindawo, lapho kungathi abantu uma befika khona, zibenze babe yiqhwa emizuzwini nje embalwa baze bangakwazi nokukhuluma, ubuchopho babo bungaba yiqhwa, ngeke bakwazi ukucabanga futhi bangaphelelwa umoya masinyane—izindawo ezinjalo azilungiselelwanga isintu nguNkulunkulu. Noma ngabe yiluphi ucwaningo abantu abafuna ukulwenza, noma ngabe bafuna ukuqamba kabusha noma bafuna ukuveza imikhawulo ethize—noma ngabe yini abantu abayicabangayo, angeke bakwazi ukweqa imikhawulo yalokho umzimba womuntu omiselwe ukukumela. Angeke bakwazi ukususa le mikhawulo uNkulunkulu ayidalele umuntu. Njengoba uNkulunkulu adala abantu, uNkulunkulu wazi kangcono ukuthi yimaphi amazinga okushisa umzimba womuntu ongamelana nawo. Ingabe abantu ngokwabo bayazi? (Cha.) Kungani uthi abantu abazi? Yiziphi izinto eziwubuwula ezenziwe ngabantu? Akuzange yini kube khona idlanzana labantu abahlala befuna ukuya ezindaweni ezingasekugcineni komhlaba ngaseNyakatho nangaseNingizimu? Bahlala befuna ukuya lapho ukuyothatha umhlaba, ukuze bezozinza futhi bawuthuthukise. Ingabe lokhu akusona yini isenzo sokuzibulala? (Yebo.) Ake sithi nizicwaninge kahle lezi zindawo ezingasekugcineni komhlaba ngaseNingizimu nangaseNyakatho. Kodwa noma ungawamela amazinga anjalo okushisa nokubanda, ingabe ukuguqula indawo okuhlalwa nokuphilwa kuyona ezindaweni ezingasekugcineni komhlaba ngaseNingizimu nangaseNyakatho kungaba usizo kumuntu ngandlela thize? Ungajabula yini uma lonke iqhwa ezindaweni ezingasekugcineni komhlaba ngaseNingizimu nangaseNyakatho lingancibilika? Lokhu akukholakali. Isenzo esingenangqondo. Isintu sinendawo esingaphila kuyona, kodwa angeke bahlale lapha nje ngokuthula nangenhliziyo emhlophe, futhi kungafanela ukuthi baye lapho bangeke baphile khona. Kungani kunjalo? Badiniwe ukuhlala kula mazinga okushisa nokubanda afanele. Bajabulela izibusiso eziningi. Ngaphandle kwalokhu, le ndawo ejwayelekile yokuhlala yonakaliswe impela yisintu, bangavele nje baye endaweni esekugcineni komhlaba eseNingizimu neseNyakatho ukudala omunye umonakalo noma ukuzibandakanya kwesinye “isenzo,” ukuze babe “amavulandlela” athize. Ingabe akubona ubuwula lobu? Ngaphansi kobuholi bukakhokho waso uSathane, lesi sintu siyaqhubeka nokwenza izinto ezingenangqondo enye emva kwenye, ngokungakhathali nangokunganakile sibhubhisa ikhaya elihle uNkulunkulu alidalele isintu. Lokhu yilokho okwenziwe uSathane. Ngaphezu kwalokho, lapho bebona ukuthi ukuphila kwesintu emhlabeni kusengozini encane, abantu abaningana bafuna ukuthola izindlela zokuyohlala enyangeni, ukuthola indlela yokuya beyobona ukuthi bangahlala yini lapho. Ekugcineni, yini engekho lapho? (Umoya-mpilo.) Ingabe abantu bangaphila ngaphandle komoya-mpilo? (Cha.) Njengoba inyanga ingenawo umoya-mpilo, akuyona indawo abantu abangahlala kuyo, kodwa abantu balokhu befuna ukuya lapho. kuyini lokhu? (Ukuzibulala nokuzibizela ingozi.) Ukuzibulala, angithi? Indawo engenawo umoya, futhi namazinga okushisa nokubanda awafanele ukuphila komuntu, ngakho ayilungiselelwanga abantu nguNkulunkulu.

Amazinga okushisa nokubanda esikhulume ngawo yilokho abantu abangahlangabezana nakho empilweni yabo yansuku zonke. “Isimo sezulu sihle impela namuhla, ama-degrees Celsius angama-23. Isimo sezulu sihle, isibhakabhaka sicwebile, nomoya uyaqabula. Phefumula umoya omusha. Ilanga liyakhanya. Zelule ngaphansi kokukhanya kwelanga. Ngisesimweni esihle!” Noma “Isimo sezulu sanamuhla sibanda kakhulu. Uma ukhiphela izandla zakho ngaphandle zizoba yiqhwa masinyane. Kuyabanda kakhulu, ngakho ungahlali ngaphandle isikhathi eside. Shesha ubuye, ungabandi kakhulu!” Amazinga okushisa nokubanda yinto engezwiwa yiyo yonke imizimba yabantu, kodwa akekho ocabanga ukuthi la mazinga okushisa nokubanda aba khona kanjani, noma ubani ophethe nolawula la mazinga okushisa nokubanda afanele ukuphila kwabantu. Yilokhu esesizokwazi manje. Ingabe kukhona ukuhlakanipha kukaNkulunkulu kulokhu? Ukhona yini umsebenzi kaNkulunkulu kulokhu? (Yebo.) Uma sicabanga ukuthi uNkulunkulu udale indawo yokuhlala namazinga okushisa nokubanda okufanele ukuphila kwabantu, akuyona yini enye yezindlela leyo uNkulunkulu enza ngayo zonke izinto? Yiyona ngempela. Lokhu kukhombisa ukuthi ukwenza nokuphatha izinto zonke kukaNkulunkulu kwenzeka ngeqiniso!

Umthombo: IBandla LikaNkulunkulu USomandla

Isinkwa Semihla Ngemihla: Konke Kuyafezeka Ngezwi LikaNkulunkulu

Awekho amazwana:

Thumela amazwana