Wonke umuntu okholwa kuNkulunkulu futhi abuyele kuNkulunkulu unengqondo engavamile. Lokhu okuhlangenwe nakho kuhlukile.

UMgqibelo, Disemba 21, 2019

XIV Amazwi Ngokuphrofetha Ngobuhle Bombuso Nesiphetho Sesintu, Kanye Nezethembiso Nezibusiso ZikaNkulunkulu

1. Njengoba amazwi Ami egcwaliswa, umbuso uyasunguleka kancane kancane emhlabeni nomuntu kancane kancane ubuyela esimweni esijwayelekile, ngalokho kusunguleka emhlabeni umbuso enhliziyweni Yami. Embusweni, bonke abantu bakaNkulunkulu babuyelwa yimpilo yomuntu ejwayelekile. Ubusika sebudlulile, kwangena intwasahlobo yomhlaba, lapho okuba yintwasahlobo unyaka wonke. Abantu abasabhekene nezwe lomuntu elidangele, elidabukisayo, abasabekezeleli umoya obandayo womhlaba womuntu. Abantu abalwi bodwa, amazwe awahlomiselani izimpi, azisekho nezingozi negazi eligobhoza ngenxa yezingozi; umhlaba wonke ugcwele injabulo, yonke indawo kugcwele imfudumalo phakathi kwabantu. Ngihamba umhlaba wonke, ngithokoza ngiphezulu esihlalweni Sami soBukhosi, ngihlala nezinkanyezi. Izingelosi zinginikeza amaculo nokugiya okusha. Ukuchoboka/ukuzwela kwazo akusenzi ukuthi kugobhoze izinyembezi ebusweni bazo. Manje, phambi Kwami, angisezwa msindo wezingelosi zikhala, futhi akekho nokhalaza ngobunzima Kimi. Namuhla, nizophila phambi Kwami; kusasa, nizoba sembusweni Wami. Ingabe lokhu akusona isibusiso esikhulu engisiphe abantu?

Kucashunwe “Isahluko 20” sombhalo othi Amazwi kaNkulunkulu Aya Emhlabeni Uwonkana encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

2. Ngokuphazima kombani, isilwane ngasinye sivezwa ngobunjalo baso. Kanjalo, nabantu ngokukhanyiswa ukukhanya Kwami, baphinde babuyela esimweni sobungcwele abake baba naso. Ewu, umhlaba wakudala ogcwele inkohlakalo usuwele emanzini angcolile wazika wangena ngaphansi ekujuleni, wancibilika odakeni! Ewu, ekugcineni sonke isintu engisidalile sesize babuyela empilweni yokukhanya, sathola isisekelo sokuphila, sayeka ukubisha odakeni! Ewu, izinto eziningi zendalo ezisezandleni Zami! Zingathini, ukungenziwa busha ngamazwi Ami? Zingathini, ukuyeka imisebenzi yazo ekukhanyeni Kwami? Umhlaba awusathule du, izulu alisalahlwanga futhi alisadabukisi. Izulu nomhlaba akusahlukanisiwe isikhala, sekuhlangene sekuyimbumba, angeke kuphinde kuhlukaniswe futhi. Ngalo mcimbi wenjabulo, ngalesi sikhathi sokwesasa, ukulunga Kwami nobungcwele Bami sebuwele emhlabeni jikelele, wonke umuntu uyakudumisa ngokungenamkhawulo. Emizini yasezulwini kuyahlekwa ngenjabulo, nemibuso yomhlaba iyadansa ngenjabulo. Ubani ongajabuli ngalesi sikhathi? Ubani ongakhali ngalesi sikhathi? Umhlaba ngokwendalo yesimo sawo ungowasezulwini, futhi izulu lihlangene nomhlaba. Umuntu uyintambo ehlanganisa izulu nomhlaba, sibonga ukungcwelisa kwakhe, sibonga ukwenziwa kabusha kwakhe, izulu alisacashile emhlabeni, kanti umhlaba awusathule ngezulu. Ubuso babantu buchichima ukubonga, ezinhliziyweni zabo kufihlwe ubumnandi obungenamkhawulo. Abantu abasangqubuzani, abantu abasalwi. Ngabe bakhona yini, abangahlali ngokuthula nabanye ekukhanyeni Kwami? Ngabe bakhona, osukwini Lwami, abahlaza igama Lami? Bonke abantu babhekise amehlo abo akhombisa inhlonipho ngakimi, futhi ezinhliziyweni zabo bakhala emfihlakalweni Kimi. Ngikuhlolile konke ukwenza kwabantu: Phakathi kwabantu abahlanziwe, abekho abangangilaleli, abekho abangahlulelayo. Bonke abantu bembozwe yisimo Sami. Wonke umuntu useyangazi, uyasondela Kimi, futhi uyangidumisa. Ngimile ngiqinile emoyeni womuntu, ngiphakanyiselwe esiqongweni esiphakeme kakhulu emehlweni omuntu, ngihamba emithanjeni yegazi lakhe. Ukungiphakamisa nokungidumisa kugcwele enhliziyweni zabantu kugcwalisa yonke indawo emhlabeni, umoya unamandla futhi uncwaba, inkungu ayisawumbozile umhlaba, nelanga likhazimula kahle.

Kucashunwe “Isahluko 18” sombhalo othi Amazwi kaNkulunkulu Aya Emhlabeni Uwonkana encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

3. Ubuhlakani Bami bukhona kuyo yonke indawo emhlabeni kanye nasemhlabeni jikelele. Phakathi kwazo zonke izinto kukhona izithelo zobuhlakani Bami, phakathi kwabo bonke abantu kukhona imisebenzi emihle yobuhlakani Bami; yonke into ifana nazo zonke izinto embusweni Wami, bonke abantu bahlala ngokuphumula ngaphansi kwamazulu Ami njengezimvu emadlelweni Ami. Ngihamba ngaphezu kwabo bonke abantu kanti ngibuka yonke indawo. Akukho nakunye okubukeka kukudala, kanti akekho umuntu osabukeka ngendlela ayeyiyo. Ngiphumula esihlalweni sobukhosi, ngincika emhlabeni wonkana, nganeliseke ngokugcwele, ngoba zonke izinto sezikwazile ukubuyisa ubungcwele bazo ngingakwazi ukuphinda ngihlale ngokuthula ngaphakathi eSiyoni, futhi nabantu emhlabeni bangakwazi ukuphila impilo enokuthula nenokugculiseka ngaphansi kobuholi Bami. Izizwe zonke zikwazile ukuphatha konke okusesandleni Sami, zonke zikwazile ukubuyisa ubuhlakani bazo kanye nokubukeka kwazo kwaphambilini; azisamboziwe wuthuli manje, kepha, embusweni Wami zimsulwa njengejaspi, kanti isizwe ngasinye sinobuso obufana nobalowo ongcwele osenhliziyweni yomuntu, ngoba umbuso Wami umisiwe phakathi kwabantu.

Kucashunwe “Isahluko 16” sombhalo othi Amazwi kaNkulunkulu Aya Emhlabeni Uwonkana encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

4. Ekukhanyeni kwaMi, abantu babona ukukhanya futhi. Ezwini laMi, abantu bathola izinto zokujatshulelwa. Sengiqhamukile eMpumalanga futhi Ngisuka khona. Uma inkazimulo yaMi ikhanya, zonke izizwe ziyakhanya, konke kulethwa ekukhanyeni, akusali nokukodwa ebumnyameni. Embusweni, impilo yabantu bakaNkulunkulu noNkulunkulu inokujabula okungeqhathaniswe. Amanzi asinela izimpilo zabantu ezibusisekile, izintaba zithokoza nabantu ngenala yaMi. Bonke abantu bayazikhandla, besebenza ngamandla, betshengisa ukuzinikela embusweni waMi. Embusweni, akusekho kuvukelana, akusekho kuzabalaza; izulu nomhlaba kuncike kokunye, abantu naMi sisondelene futhi sizwana ngokujulile, emicimbini yempilo, sincikene…. Ngalesi sikhathi Ngiqala ngokugcweleyo impilo yasezulwini. Ukugxambukela kukaSathane akusekho, nabantu bangena ekuphumuleni. Kuwo wonke umhlaba, abakhethiwe baMi baphila enkazimulweni yaMi, babusiseke ngokungeqhathaniseke, hhayi njengabantu bephila phakathi kwabantu, kodwa njengabantu bephila noNkulunkulu. Wonke umuntu useke wathintwa wukonakala kukaSathane, wezwa ukubaba kwempilo nobumnandi. Manje ekuphileni ekukhanyeni kwaMi, yini engenza umuntu angathokozi? Umuntu angawuziba kanjani lo mzuzu omuhle kanje awudedele wedlule? Bantu! Manje culani amaculo ezinhliziyweni zenu niNgisinele! Manje phakamisani izinhliziyo zenu ezimsulwa nizinikele kiMi! Manje shayani izigubhu niNgidlalele! Ngikhanyisela intokozo emhlabeni wonke! Ngikhombisa abantu ubuso baMi obukhazimulayo! Ngizondindizela! Ngizowedlula umhlaba! SeNgiyabusa phakathi kwabantu! Ngiphakanyisiwe ngabantu! Ngintweza esibhakabhakeni esiluhlaza, nabantu bahamba naMi. Ngihamba phakathi kwabantu nabantu baMi baNgizungezile! Izinhliziyo zabantu ziyathokoza, amahubo abo azamazamisa umhlaba, ebhodloza isibhakabhaka! Umhlaba awusemboziwe yinkungu; akusekho ludaka, awusaqoqani udoti. Bantu abangcwele bomhlaba! Ekuhloleni kwaMi ubuso benu beqiniso buyembulwa. Anibona abantu abembozwe wukungcola, kodwa ningabangcwele abacwebe njengeJayidi nonke ningabathandwa baMi, nonke niyinjabulo yaMi. Zonke izinto zibuyela ekuphileni! Bonke abangcwele babuyele emazulwini bekhonza Mina, bengena ekusingatheni kwaMi okufudumele, bengasakhali, bengasakhathazeki, bezinikela kiMina, bebuyela ekhaya laMi, futhi ezweni labo bayoNgithanda ngokungaseyukuphela! Okungaguquki! Luphi usizi! Ziphi izinyembezi! Iphi inyama! Umhlaba awusekho; amazulu aphakade. Ngiyavela kuzo zonke izizwe, futhi zonke izizwe zidumisa Mina. Le mpilo, lobu buhle, kusuka esikhathini esingaziwa kuze kube nanini, ngeke kuguquke. Yilena impilo embusweni.

      Kucashunwe “Bantu! Jabulani!” sombhalo othi Amazwi kaNkulunkulu Aya Emhlabeni Uwonkana encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

5. “Ngihamba ngaphezu kwabo bonke abantu kanti ngibuka yonke indawo. Akukho nakunye okubukeka kukudala, kanti akekho umuntu osenjengalokhu ayeyikho. Ngiphumula esihlalweni sobukhosi, ngincika emhlabeni wonkana…” Lokhu kungumphumela womsebenzi wamanje kaNkulunkulu. Bonke abantu abakhethwe uNkulunkulu babuyela esimweni sabo sasekuqaleni, ngenxa yaso izingelosi, esezihlupheke iminyaka engaka ziyakhululwa, njengoba uNkulunkulu ethi, “sinobuso obufana nobalowo ongcwele osenhliziyweni yomuntu,” Ngoba izingelosi zisebenza emhlabeni futhi zikhonza uNkulunkulu emhlabeni, izulu lilethwa emhlabeni, nomhlaba uphakanyiselwa ezulwini. Ngakho, umuntu uyisixhumanisi esixhumanisa izulu nomhlaba; izulu nomhlaba akusaqhelelene, akusahlukanisiwe, kodwa kuxhunyanisiwe kwaba kunye. Emhlabeni wonke, nguNkulunkulu nomuntu kuphela abakhona. Akukho luthuli nakungcola, futhi zonke izinto zenziwa zibe zintsha, njengezinyane elincane lilele otshanini obuluhlaza ngaphansi kwesibhakabhaka, lithokozela wonke umusa kaNkulunkulu. Futhi kungenxa yokufika kwalobu buluhlaza ukuthi umphefumulo wempilo ukhanye, ngoba uNkulunkulu uza emhlabeni ukuzohlala nomuntu kuze kube phakade, njengoba kwashiwo ngomlomo kaNkulunkulu ukuthi “ngingahlala ngokuthula ngaphakathi eSiyoni futhi.” Lokhu kuwuphawu lokwehlulwa kukaSathane, wusuku lokuphumula kukaNkulunkulu, futhi lolu suku luyophakanyiswa lumenyezelwe yibo bonke abantu, luphinde lukhunjulwe yibo bonke abantu. Lapho uNkulunkulu ephumule esihlalweni sobukhosi yisikhathi futhi uNkulunkulu aqeda ngaso umsebenzi Wakhe emhlabeni, futhi yiwona kanye umzuzu lapho zonke izimfihlakalo zikaNkulunkulu zivezwa khona kubantu; uNkulunkulu nomuntu bayohlala benokuzwana njalo, bengaqhelelene—lezi yizigcawu ezinhle zombuso!

    Kucashunwe “Isahluko 16” sombhalo othi Izihumusho Zezimfihlakalo Zamazwi KaNkulunkulu Eziya Emhlabeni Uwonkana encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

6. Lapho umbuso wehlela emhlabeni ngokuphelele, bonke abantu bayobuyelwa ubunjalo babo basekuqaleni. Yikho uNkulunkulu ethi, “ngithokoza ngiphezulu esihlalweni Sami sobukhosi, ngihlala phakathi kwezinkanyezi. Izingelosi zinginikeza amaculo amasha nokusina okusha. Ubuntekenteke bazo abusenzi ukuthi kugobhoze izinyembezi ebusweni bazo. Manje, phambi Kwami, angisezwa msindo wezingelosi zikhala, futhi akekho nokhononda ngobunzima Kimi.” Lokhu kukhombisa ukuthi usuku uNkulunkulu ayothola ngalo inkazimulo ephelele kuyoba wusuku umuntu ayothola ngalo ukuphumula; abantu abasaphithizeli ngenxa yokuphazamisa kukaSathane, izwe liyema ukuqhubekela phambili, nabantu bahlala ngokuphumula—ngoba inqwaba yezinkanyezi esibhakabhakeni zenziwa zibe zintsha, nelanga, inyanga, izinkanyezi, njalonjalo, nazo zonke izintaba nemifula ezulwini nasemhlabeni kuyaguqulwa. Futhi ngenxa yokuthi umuntu useguqukile, kanjalo futhi, konke kuyoguquka. Lokhu kuyinhloso nqangi yohlelo lokuphatha kukaNkulunkulu, lolu oluyofezeka ekugcineni.

   Kucashunwe “Isahluko 20” sombhalo othi Izihumusho Zezimfihlakalo Zamazwi KaNkulunkulu Eziya Emhlabeni Uwonkana encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

7. Umsebenzi Wami uhlala iminyaka eyizinkulungwane eziyisithupha, futhi ngiyethembisa ukuthi ukulawula komubi esintwini sisonke nakho kuyoba ngokweminyaka eyizinkulungwane eziyisithupha. Ngakho, siphelile isikhathi. Angisaqhubeki futhi angisadebeseli manje: Ngezinsuku zokugcina ngizomnqoba uSathane, ngizobuyisela inkazimulo Yami, futhi ngizolanda imiphefumulo Yami emhlabeni ukuze le miphefumulo ekhathazekile ephunyuke olwandle lokuhlupheka, futhi lokhu kuzophothula umsebenzi Wami uwonke emhlabeni. Kusukela ngalolu suku kuya phambili, ngeke ngisaphinde ngibe sesimweni senyama emhlabeni, futhi ngeke uMoya Wami olawulayo uphinde usebenze emhlabeni. Ngizokwenza okukodwa vo emhlabeni: Ngizokwenza isintu kabusha, isintu esingcwele, esiyidolobha Lami elethembekile emhlabeni. Kodwa yazi ukuthi angizukunqoba umhlaba uwonke, noma angizukunqoba sonke isintu. Ngizogcina ingxenye—ingxenyana ethanda Mina futhi enqontshwe Yimi kakhulu, futhi ngizokwenza ukuthi le ngxenyana ithele izithelo futhi igcwalise umhlaba njengoba kwenza ama-Israyeli ngaphansi komthetho, bondliwe ngezimvu eziningi kanye nomhlambi wezinkomo kanye nayo yonke ingcebo yomhlaba. Lesi sintu sizohlala Nami ingunaphakade, kube ayisiso lesi sintu esingcolile nesinengayo sanamuhla, kodwa isintu esihlanganisa bonke abazuzwa Yimi. Isintu esinjalo asizukumoshakala, siphazamiseke, noma sizungezwe uSathane, futhi kuzoba yiso kuphela isintu esikhona emhlabeni emuva kokuba senginqobe uSathane. Yisintu esinqotshwe Yimi namuhla futhi esizuze isethembiso Sami. Ngakho, isintu esinqotshwe ngezinsuku zokugcina siphinde sibe yisintu esizohlengwa nesizothola izibusiso Zami ingunaphakade. Kuzoba yibo kuphela ubufakazi bokunqoba Kwami uSathane, futhi yikho kuphela okuzobe kuwumqhele wempi Yami noSathane. Le miqhele yempi isindiswe Yimi esigodlweni sikaSathane, futhi iwukukhazimula nezithelo zohlelo lokuphatha Lwami lweminyaka eyizinkulungwane eziyisithupha. Iphume kuwo wonke amazwe namabandla, nakuzo zonke izindawo namazwe emhlabeni jikelele. Yehlukile kunezinye izinhlanga, inezilimi ezehlukile, amasiko kanye namabala esikhumba, futhi igcwele ezweni ngalinye nebandla emhlabeni jikelele, kanye namagumbi omane omhlaba. Ekugcineni, izohlangana njengesintu esiphelele, inhlangano yabantu amandla kaSathane angefinyelele kubo.

Kucashunwe “Akekho Umuntu Osenyameni Ongabalekela Usuku Lolaka” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

8. Ngokususela emisebenzini nobufakazi obahlukene, abanqobi abasembusweni bayosebenza njengabaphristi noma abalandeli, futhi labo abanqobayo ezinhluphekweni bayoba yisigungu sabaphristi embusweni. Isigungu sabaphristi siyokwakhiwa uma umsebenzi wevangeli usuphelile emhlabeni jikelele. Uma sekufika isikhathi, okumele kwenziwe umuntu kuyoba umsebenzi wakhe embusweni kaNkulunkulu, kanye nokuhlala kwakhe ndawonye noNkulunkulu embusweni. Esigungwini sabaphristi kuyoba nomphristi omkhulu kanye nabaphristi, futhi abasele bayoba amadodana kanye nabantu baNkulunkulu. Konke lokhu kuyonqunywa ngokobufakazi babo kuNkulunkulu ngezinkathi zenhlupheko; akuwona amagama anikezwa kalula nje. Uma isithunzi somuntu sesitholakele, umsebenzi kaNkulunkulu uyophela, ngoba umuntu ngamunye uyobe esebekwe ngokohlobo lwakhe futhi ebuyiselwe esimweni sakhe sasekuqaleni, futhi lokhu kuwuphawu lokuqedwa komsebenzi kaNkulunkulu, lokhu kuwumphumela wokugcina womsebenzi kaNkulunkulu kanye nokwenza komuntu, futhi kuwukucaciswa kwesimo kwemibono yomsebenzi kaNkulunkulu kanye nokusebenzisana nomuntu. Ekugcineni, umuntu uyophumula embusweni kaNkulunkulu, futhi noNkulunkulu, uyokwenza njalo, uyobuyela endaweni Yakhe ukuze aphumule. Lokhu kuwumphumela wokugcina weminyaka eyizi-6000 yokusebenzisana phakathi kukaNkulunkulu nomuntu.

Kucashunwe “Umsebenzi KaNkulunkulu Nokwenza Komuntu” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

9. Ukuphila kwasekuphumuleni ngeke kube nayo impi, ngeke kube nokungcola futhi ngeke kugcwale ukungalungi okungapheli. Lokhu kusho ukuthi abantu bayobe bengasahlushwa uSathane (lapha elithi “Sathane” libhekisela emandleni anonya), inkohlakalo kaSathane, kanye nokuhlaselwa yinoma yimaphi amandla amelene noNkulunkulu. Yonke into iyohamba ngokohlobo lwayo futhi ikhonze iNkosi yendalo. Amazulu nomhlaba kuthulile kuthe cwaka. Lokhu ukuphila okunokuphumula kwabantu. Lapho uNkulunkulu engena ekuphumuleni, akukho ukungalungi okuyoba khona emhlabeni, futhi ngeke kusaba bikho ukuhlaselwa yinoma yiliphi ibutho elinonya. Abantu bayophinde bangene endaweni entsha; ngeke kuphinde kube nabantu abonakaliswe uSathane, kodwa kuyoba nabantu abasindisiwe ngemva kokonakaliswa uSathane. Usuku abantu abayophumula ngalo luphinde lube usuku uNkulunkulu ayophumula ngalo. UNkulunkulu walahlekelwa ukuphumula Kwakhe ngenxa yokwehluleka kwabantu ukungena ekuphumuleni; akukhona ukuthi wayevele engakwazi ukuphumula. Ukungena ekuphumuleni akusho ukuthi kuzoma zonke izinto ziyoyeka ukunyakaza, noma ukuthi zonke izinto zizoyeka ukusebenza, futhi akusho ukuthi uNkulunkulu uzoyeka ukusebenza nokuthi umuntu ngeke esaphila. Uphawu lokungena ekuphumuleni luyoba kanje: USathane uyobe esebhujisiwe; abantu abakhohlakele ababenza izinto ezimbi noSathane bayobe sebejezisiwe baqothulwa; wo nke amabutho amelene noNkulunkulu ayobe engasekho. Ukungena kukaNkulunkulu ekuphumuleni kusho ukuthi ngeke esawenza umsebenzi Wakhe wokusindisa abantu. Ukungena kwabantu ekuphumuleni kusho ukuthi bonke abantu bayophila ekukhanyeni kukaNkulunkulu nangaphansi kwesibusiso Sakhe; iyobe ingasekho inkohlakalo kaSathane, ziyobe zingasenzeki nezinto ezingalungile. Abantu bayophila ngendlela evamile emhlabeni, futhi bayophila benakekelwa uNkulunkulu. Lapho uNkulunkulu nabantu bengena ndawonye ekuphumuleni, kuyosho ukuthi abantu basindisiwe nokuthi uSathane usebhujisiwe, nokuthi umsebenzi kaNkulunkulu kubantu usuphele ngokuphelele. UNkulunkulu ngeke esaqhubeka esebenza kubantu, futhi umuntu ngeke esaphila ngaphansi kokubuswa uSathane. Ngakho, uNkulunkulu ngeke esaba matasatasa, nabantu ngeke besaphithizela; uNkulunkulu nabantu bayongena kanye-kanye ekuphumuleni. UNkulunkulu uyobuyela esikhundleni Sakhe sasekuqaleni, nomuntu ngamunye uyobuyela endaweni yakhe. Lezi izindawo uNkulunkulu nomuntu abayohlala kuzo ngemva kokuphela kokuqondisa kukaNkulunkulu. UNkulunkulu unendawo Yakhe aya kuyo, nomuntu naye uneyakhe. Ngesikhathi esaphumule, uNkulunkulu uyoqhubeka eqondisa ukuphila kwabantu emhlabeni. Ngesikhathi esesekukhanyeni kukaNkulunkulu, umuntu uyokhonza uNkulunkulu oyedwa weqiniso osezulwini. UNkulunkulu ngeke esaphila phakathi kwabantu, futhi umuntu ngeke akwazi ukuphila noNkulunkulu endaweni kaNkulunkulu. UNkulunkulu nomuntu ngeke baphile endaweni eyodwa; kunalokho, bobabili banezindlela zabo ezingafani zokuphila. UNkulunkulu Nguyena oqondisa bonke abantu, kuyilapho bonke abantu bewumphumela wokuqondisa komsebenzi kaNkulunkulu. Abantu abaholwayo; mayelana nobuntu, umuntu akafani noNkulunkulu. Ukuphumula kusho ukubuyela endaweni yakho yasekuqaleni. Ngakho lapho uNkulunkulu engena ekuphumuleni, lokho kusho ukuthi uNkulunkulu ubuyela endaweni Yakhe yasekuqaleni. UNkulunkulu ngeke esaphila emhlabeni noma abe yingxenye yenjabulo nokuhlupheka kwabantu kuyilapho esenabantu. Lapho umuntu engena ekuphumuleni, lokho kusho ukuthi umuntu usuke esephenduke indalo yangempela; umuntu uyokhonza uNkulunkulu emhlabeni futhi aphile ukuphila kwabantu okuvamile. Ngeke kusenzeka ukuthi abantu bangamlaleli uNkulunkulu noma benqabe uNkulunkulu; bayophila ngendlela okwakuphila ngayo u-Adamu no-Eva. Lokhu ukuphila okwehlukene nezindawo zikaNkulunkulu nabantu ngemva kokungena kwabo ekuphumuleni. Ukunqotshwa kukaSathane yinto engeke igwemeke empini ephakathi kukaSathane noNkulunkulu. Ngale ndlela, ukungena kukaNkulunkulu ekuphumuleni ngemva kokuphela kokuqondisa umsebenzi Wakhe, nokuqeda ukusindisa abantu futhi bangene ekuphumuleni nakho kuyinto engeke igwemeke. Indawo yokuphumula komuntu isemhlabeni, nendawo kaNkulunkulu yokuphumula isezulwini. Ngesikhathi umuntu ekhonza uNkulunkulu ephumule, uyophila emhlabeni, futhi lapho uNkulunkulu ehola ingxenye esele yabantu ekuphumuleni, uyobahola esezulwini hhayi esemhlabeni. UNkulunkulu uyobe esenguMoya, kuyilapho umuntu eyobe esesemzimbeni wenyama. UNkulunkulu nomuntu banezindlela ezingafani zokuphumula. Ngesikhathi uNkulunkulu ephumule, uyoza avele phambi kwabantu; ngesikhathi abantu besaphumule, bayoholwa uNkulunkulu ababonise izulu, futhi abenze bajabulele ukuphila kwasezulwini.

       Kucashunwe “UNkulunkulu Nomuntu Bayongena Ndawonye Ekuphumuleni” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

10. Ngesikhathi umuntu engena esiphethweni saphakade, umuntu uzokhonza uMdali, futhi ngenxa yokuthi umuntu usezuze insindiso futhi wangena esikhathini saphakade, umuntu ngeke esashisekela ukuthola nanoma iziphi izinjongo, nangaphezu kwalokho, ngeke adinge ukukhathazeka ngokuthi uvinjezelwe impi kaSathane. Ngale sikhathi, umuntu uyoyazi indawo yakhe, futhi enze umsebenzi wakhe, kanti futhi noma angajeziswa noma angahlulelwa, wonke umuntu uyokwenza umsebenzi wakhe. Ngaleso sikhathi, umuntu uyoba isidalwa ngokobunjalo nangokwesikhundla. Ngeke kusaba khona ukuhlukanisa phakathi kwabaphakeme nabaphansi; umuntu ngamunye uyobe emane enza umsebenzi ohlukile. Kepha umuntu uyolokhu ephila endaweni eyisiphetho ehlelekile efanelekile yesintu, umuntu uyokwenza umsebenzi wakhe ukuze akhonze uMdali, futhi isintu esinjenga lesi kuyoba isintu saphakade. Ngaleso sikhathi, umuntu uyobe esezuze impilo ekhanyiswe nguNkulunkulu, impilo ngaphansi kokunakekelwa nokuvikelwa nguNkulunkulu, kanye nempilo ndawonye noNkulunkulu. Isintu siyophila impilo ejwayelekile emhlabeni, futhi isintu sisonke, siyongena emgudwini ofanele. Uhlelo lokuphatha lweminyaka eyizi-6,000 luyobe selumnqobe lwaqeda uSathane, okusho ukuthi uNkulunkulu uyobe esephinde wawuthola umfanekiso womuntu wasekuqaleni emuva nje kokudalwa, futhi ngaleyo ndlela, inhloso yasekuqaleni kaNkulunkulu iyobe igcwalisekile.

    Kucashunwe “Ukubuyisela Impilo Ejwayelekile Yomuntu Nokumhambisa Endaweni Emangalisayo Okuphokophelwe Kuyo” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

11. Sukuma bese ubambisana Nami! Nakanjani ngeke ngibaphathe kabi labo abazikhandlela Mina ngobuqotho. Nina enizinikela Kimi ngobuqotho, ngiyoninikeza izibusiso Zami. Zinikele ngokugcwele Kimi! Lokho okudlayo, lokho okugqokayo, nekusasa lakho konke kusezandleni Zami, ngiyokuhlela konke ngokufanele, ngenxa yokuthokoza kwakho okungenasiphetho, okungapheli, ngoba ngithe, “Kulabo abazikhandla ngobuqotho ngenxa Yami, nakanjani ngiyonibusisa kakhulu.” Zonke izibusiso ziza kuwo wonke umuntu ozikhandla ngobuqotho ngenxa Yami.

     Kucashunwe “Isahluko 70” sombhalo othi Amazwi KaKristu Ekuqaleni encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

12. Izibusiso zichaza ukuthi izinto enizizondayo ngeke zisenzeka kinina esikhathini esizayo, okusho ukuthi, lezi zinto ngeke zisaba khona ezimpilweni zenu zangempela. Ziyosuswa ngokuphelele phambi kwamehlo enu: umndeni, umsebenzi, inkosikazi, umyeni, abantwana, abangani nezihlobo. Ngisho ukudla okuthathu ngosuku enikwenyanya nsuku zonke kuyophela. (Lokhu kusho ukungavinjwa yisikhathi nokuphuma enyameni ngokuphelele. Umzimba wakho ungasimamiswa ngokusutha kwakho emoyeni. Ngumzimba wakho, hhayi inyama, okubhekiselwe kuwo. Uyokhululeka futhi wedlule imvelo ngokuphelele. Lokhu kuyisimangaliso esikhulu futhi esisobala kakhulu uNkulunkulu asibonakalisile kusuka ekudalweni komhlaba.) Zonke izithako zomhlabathi emzimbeni wenu ziyosuswa, futhi niyoba yimizimba yomoya ngokuphelele engcwele futhi engangcolile, futhi niyohamba nize nifike ekugcineni komhlaba nezulu. Konke ukuhlanza nokukhuhla okuhluphayo kuyoyekwa kusuka lapho kuya phambili, futhi niyothokoza nje ngokugcwele. Kusuka lapho kuya phambili, ngeke nisaphatha umqondo womshado (ngoba ngiphetha inkathi, angidali umhlaba), futhi ngeke kusaba nezinseka ezizwisa abesifazane ubuhlungu obukhulu. Futhi ngeke nisasebenza noma nifukuze esikhathini esizayo. Niyocwila ngokuphelele ekusingatheni Kwami kothando futhi nithokozele izibusiso engininike zona. Lokhu akunakungatshazwa.

     Kucashunwe “Isahluko 84” sombhalo othi Amazwi KaKristu Ekuqaleni encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

13. Lokho enginilungisele khona, okungukuthi, imicebo engavamile neyigugu evela emhlabeni wonke, konke kuyonikezwa nina. Ngeke nikwazi ukubona noma ukucabanga zonke lezi zinto manje, futhi akekho umuntu oseke wazithokozela. Lapho lezi zibusiso zehlela kini, niyothokoza ngokungapheli, kodwa ningakhohlwa ukuthi konke lokhu kungamandla Ami, izenzo Zami, ukulunga Kwami futhi ngaphezu kwalokho, ubukhosi Bami. (Ngiyoba nomusa kulabo engikhetha ukuba nomusa kubo, futhi ngiyoba nesihawu kulabo engikhetha ukuba nesihawu kubo.) Ngaleso sikhathi, niyobe ningenabazali, futhi ngeke kube nobuhlobo begazi. Nonke ningabantu engibathandayo, madodana Ami athandekayo. Akukho muntu oyolokotha anicindezele kusuka lapho kuya phambili. Kuyoba yisikhathi sokuthi nikhule nibe badala, futhi yisikhathi sokuba nibuse izizwe ngenduku yensimbi! Ngubani olokotha avimbe amadodana Ami? Ngubani olokotha ahlasele amadodana Ami athandekayo? Bonke bayohlonipha amadodana Ami athandekayo ngenxa yokuthi uBaba ukhazimulisiwe. Zonke izinto okungekho muntu ongake azicabange ziyobonakala phambi kwamehlo enu. Ziyoba ngezingenamkhawulo, ezingaqedeki, ezingapheli. Kungakabi kude, nakanjani ngeke nisadinga ukungqongqiswa yilanga futhi nibekezele ukushisa okuhangulayo. Futhi ngeke kufanele nihlushwe amakhaza, noma imvula, iqhwa noma umoya kunifice. Lokhu kungenxa yokuthi ngiyanithanda, futhi konke kuyoba umhlaba wothando Lwami. Ngiyoninika konke enikufunayo, futhi ngiyonilungiselela konke enikudingayo. Ngubani olokotha athi angilungile? Ngiyokubulala ngokushesha, ngoba ngithe ngesikhathi esedlule ulaka Lwami (kwababi) luyohlala phakade, futhi ngeke ngiyeke nakancane. Nokho, uthando Lwami (ngamadodana Ami athandekayo) luyohlala phakade; ngeke ngilugodle ngisho nakancane.

     Kucashunwe “Isahluko 84” sombhalo othi Amazwi KaKristu Ekuqaleni encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

14. Ngiyahamba kabanzi manje phakathi kwabantu Bami, ngiphila phakathi kwabantu Bami. Namuhla, labo abangithanda ngempela, abantu abafana nalabo babusisiswe; babusisiwe labo abangihloniphayo, nakanjani bazohlala embusweni Wami; babusisiwe labo abangaziyo, nakanjani bazothola amandla embusweni Wami; babusisiwe labo abangifunayo, nakanjani bazophuma emaketangweni kaSathane bajabulele izibusiso Nami; babusisiwe abakwaziyo ukuzincama, nakanjani bazongena ezintweni Zami enginazo, badle ifa lenala yombuso Wami. Labo abazulazula ngenxa Yami ngizobakhumbula, labo abangena ezindlekweni ngenxa Yami ngizobasingatha ngenjabulo, labo abanikelayo Kimi ngizobanika okuzobathokozisa. Labo abathokoziswa amazwi Ami ngizobabusisa; ngokuqinisekile bazoba yizinsika ezibamba isigxobo esiyinsika yombuso Wami, ngokuqinisekile bazothola konke abakufunayo nabakucelayo endlini Yami, futhi akekho ongaqhathaniswa nabo. Wake wasemukela isibusiso owasinikwa? Wake wazifuna izethembiso ezenzelwa wena? Nakanjani, ngokuqondiswa ukukhanya Kwami, uzogqashula emandleni obumnyama. Phakathi kobumnyama angeke ulahlekelwe ukukhanya okukuqondisayo. Uzobusa phezu kwazo zonke izidalwa. Nakanjani uzonqoba phambi kukaSathane. Nakanjani, ekuweni kombuso kadrako omkhulu obomvu, uzoma phakathi kwezinkumbi zabantu ube ngufakazi wokunqoba Kwami. Nakanjani uzoqina ungantengantengi ezweni laseSinim. Ngokuhlupheka odlule kukho, uzothola ifa lezibusiso ezivela Kimi, futhi ngokuqinisekile uzosabalalisa inkazimulo Yami emhlabeni wonke.

Kucashunwe “Isahluko 19” sombhalo othi Amazwi kaNkulunkulu Aya Emhlabeni Uwonkana encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

15. Labo abayopheleliswa nguNkulunkulu yilabo abayothola izibusiso zikaNkulunkulu kanye nefa Lakhe. Lokhu kungukuthi, bafaka ngaphakathi lokho uNkulunkulu anakho nayikho, ukuze kube yilokho abanakho phakathi; banawo wonke amazwi kaNkulunkulu asetshenziwe kubo; noma ngabe yini engekaNkulunkulu, uyakwazi ukukufaka konke phakathi njengoba kunjalo, ngaleyo ndlela uliphile iqiniso. Lolu uhlobo lomuntu olupheleliswe nguNkulunkulu noluzuzwa nguNkulunkulu. Yilolo hlobo lomuntu kuphela olufanelekela ukwamukela ifa nalezi zibusiso ezehliswa nguNkulunkulu:

1) Ukwamukela lonke uthando lukaNkulunkulu.

2) Ukwenza ngokwentando kaNkulunkulu kuzo zonke izinto.

3) Ukwamukela ukuqondiswa nguNkulunkulu, ukuphila ngaphansi kokukhanya kukaNkulunkulu, kanye nokukhanyiselwa nguNkulunkulu.

4) Ukuphila ngokomfanekiso othandwa nguNkulunkulu emhlabeni; ukuthanda uNkulunkulu njengoba uPetru enza, ukubethelelwa uNkulunkulu kanye nokufanelwa ukufa njengenkokhelo yothando lukaNkulunkulu; uthole udumo olufana noluka Petru.

5) Ukuthandwa, ukuhlonishwa, nokunconywa yibo bonke emhlabeni.

6) Ukwehlula konke ukugqilazwa ukufa kanye neHayidesi, ukunganikezi ithuba umsebenzi kaSathane, ukuba ube ngokaNkulunkulu, ukuphila phakathi komoya omusha nojabulisayo kanye nokungabi nakuzizwa ukhathele.

7) Ukuba nomuzwa omangalisayo wentokozo nokuthokozela ngaso sonke isikhathi sokuphila kwakho, kube sengathi usubona ukufika kosuku lwenkazimulo kaNkulunkulu.

8) Ukuthola inkazimulonoNkulunkulu, kanye nokuba nobuso obufana nabangcwele abathandwa nguNkulunkulu.

9) Ukuba yilokho uNkulunkulu akuthandayo emhlabeni, lokho okungukuba, yindodana kaNkulunkulu ethandiwe.

10) Isimo sokuguquka kanye nokukhuphukela ezulwini lesithathu noNkulunkulu, ukudlula enyameni.

Kucashunwe “Izithembiso Kulabo Abaphelelisiwe” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Umthombo: IBandla LikaNkulunkulu USomandla

Ungase Uthande Nalezi: Umuntu Angasindiswa Kuphela Ekuphatheni KukaNkulunkulu


Awekho amazwana:

Thumela amazwana