Wonke umuntu okholwa kuNkulunkulu futhi abuyele kuNkulunkulu unengqondo engavamile. Lokhu okuhlangenwe nakho kuhlukile.

Kuboniswa okuthunyelwe okunelebula Izwi Livela Lisenyameni. Bonisa konke okuthunyelwe
Kuboniswa okuthunyelwe okunelebula Izwi Livela Lisenyameni. Bonisa konke okuthunyelwe

UMgqibelo, Ephreli 21, 2018

Ukuba Semzimbeni Wobuntu Okubili Kuphelelisa Ukubaluleka Kokuba Semzimbeni Wobuntu

Isigaba ngasinye somsebenzi owenziwe nguNkulunkulu sinokubaluleka kwaso ngokoqobo. Kudala, lapho uJesu efika, wayengowesilisa, kodwa lapho uNkulunkulu eza manje, ungowesifazane. Ngalokhu, uyabona ukuthi uNkulunkulu wadala kokubili owesilisa nowesifazane ebadalela umsebenzi Wakhe, futhi Kuye awukho umehluko wobulili. Lapho uMoya Wakhe ufika, ungathatha noma yisiphi isimo senyama ngokuthanda, futhi leyo nyama ingammela.

UMgqibelo, Januwari 13, 2018

Ngabe Umsebenzi kaNkulunkulu Ulula Njengoba Umuntu Ecabanga?

Njengomuntu okholwa kuNkulunkulu, kufanele uqonde ukuthi, namhlanje, ekutholeni umsebenzi kaNkulunkulu ezinsukwini zokugcina nawo wonke umsebenzi wohlelo lukaNkulunkulu kuwe, uthole ngempela ukuphakanyiswa nensindiso enkulu okuvela kuNkulunkulu.

ULwesine, Januwari 11, 2018

Indlela Yokukhonza Ngendlela Ehambisana Nentando KaNkulunkulu


 Namuhla, sizobe sikhuluma ngendlela okumele abantu bakhonze ngayo uNkulunkulu ekukholweni kwabo kuNkulunkulu, yimiphi imibandela okumele ifezwe kanye nokuthi yini ekumele iqondwe yilabo abakhonza uNkulunkulu, nokuthi yiziphi iziphambeko ezikhona ekukhonzeni kwakho.

ISonto, Disemba 31, 2017

Izwi Leshumi


  INkathi Yombuso, kakade, yehlukile ezikhathini ezedlule. Ayithinti okwenziwa ngumuntu. Kunalokho, ngenza umsebenzi Wami emva kokwehlela emhlabeni — umsebenzi okungekho muntu ongawucabanga noma awufeze. Kusukela ekudalweni komhlaba kuze kube manje, kuyo yonke le minyaka bekulokhu kungokokwakha ibandla, kodwa akuzwakali lutho ngokwakhiwa kombuso. Nakuba ngikhuluma ngalokhu ngomlomo Wami, ingabe ukhona owazi ukubaluleka kwakho?

UMgqibelo, Disemba 23, 2017

Ukuhunyushwa Kwezwi Lamashumi Amathathu Nantathu


  Eqinisweni, ngokwalokho uNkulunkulu akwenze kubantu, nabanike khona, kanye nalokho abantu abanakho, kungashiwo ukuthi izimfuno Zakhe kubantu azilona ihaba, ukuthi akafuni okuningi kubo.

ULwesine, Okthoba 5, 2017

Ukubonakala KukaNkulunkulu Kulethe Inkathi Entsha

  

  Uhlelo lokuphatha lukaNkulunkulu lweminyaka eyizinkulungwane eziyisithupha selufika emaphethelweni, futhi isango lombuso weZulu selivulelwe bonke abafuna ukubonakala kukaNkulunkulu. Bafowethu nodadewethu abathandekayo, nilindeni? Yini eniyifunayo? Ingabe nilinde ukubonakala kukaNkulunkulu? Ingabe nifuna imilobo yezinyawo zikaNkulunkulu? Kwazi kwalangazelezwa ukubonakala kukaNkulunkulu! Futhi kwaze kwaba nzima ukuthola imilobo yezinyawo zikaNkulunkulu! Enkathini efana nalena, emhlabeni ofana nalo, kumele senzeni ukuze sibone usuku lokubonakala kukaNkulunkulu? Kumele senzeni ukulandela imilobo yezinyawo zikaNkulunkulu? Imibuzo enjalo ibhekana nawo wonke umuntu olinde ukubonakala kukaNkulunkulu. Nonke senike nakucabanga kaningi lokhu—kodwa nathola miphi imiphumela? UNkulunkulu ubonakala kuphi? Ikuphi imilobo yezinyawo zikaNkulunkulu? Ingabe uzitholile izimpendulo? Iningi labantu belingaphendula lithi: UNkulunkulu uvela kulabo abamlandelayo futhi imilobo yezinyawo zakhe iphakathi kwethu; kulula kanjalo! Noma ubani anganikeza impendulo yamazwi aklanyiwe, kodwa uyaqonda yini ukuthi kuyini ukubonakala kukaNkulunkulu, nokuthi iyini imilobo yezinyawo zikaNkulunkulu? Ukubonakala kukaNkulunkulu kusho ukufika Kwakhe emhlabeni ukuzokwenza umsebenzi Wakhe. Ngobuyena kanye nesimo Sakhe, kanye nendlela yokwenza eyimvelo Yakhe, wehlela phakathi kwabantu ukwenza umsebenzi wokusungula inkathi futhi aqede inkathi. Lolu hlobo lokubonakala akusilo uhlobo lomcimbi. Akusilo uphawu, isithombe, isimangaliso noma umbono omkhulu, noma akusiyo nakancane inqubo yenkolo. Kuyinto ekhona ngempela engathintwa futhi ibonwe. Le nhlobo yokubonakala akusiyona nje eyokulandela inqubo, noma indlela yokwenza okwesikhashana, kodwa empeleni yisigaba somsebenzi wohlelo Lwakhe lokuphatha. Ukubonakala kukaNkulunkulu kuhlala kunenhloso, futhi kuxhumana nohlelo Lwakhe lokuphatha. Lokhu kubonakala kuhluke kakhulu kunokubonakala kokuqondisa kukaNkulunkulu, ukuhola, kanye nokukhanyiselwa komuntu. UNkulunkulu wenza umsebenzi omkhulu njalo uma ebonakala. Lo msebenzi uhlukile kowanoma iyiphi enye inkathi. Awunakucatshangwa ngumuntu, futhi awukaze ubonwe ngumuntu. Kungumsebenzi oqala inkathi entsha futhi uqede inkathi yakudala, futhi ngumsebenzi omusha futhi ongcono wensindiso yomuntu; ngaphezu kwalokhu, ngumsebenzi wokuletha isintu enkathini entsha. Lokhu ukubaluleka kokubonakala kukaNkulunkulu.

  Esikhathini esisodwa nokuqonda ukubonakala kukaNkulunkulu, ungayifuna kanjani imilobo yezinyawo zikaNkulunkulu? Lo mbuzo akulukhuni ukuwuchaza: Lapho kunokubonakala kukaNkulunkulu, uzothola imilobo yezinyawo zikaNkulunkulu. Incazelo enjalo izwakala iqondile, kodwa akulula kanjalo ukukwenza, ngoba abantu abaningi abazi ukuthi uNkulunkulu ubonakala kuphi, futhi abazi nokuthi angafuna ukubonakala kuphi, noma kumele abonakale kuphi. Abanye ngokuthathela phezulu bakholwa ukuthi lapho kunemisebenzi kaMoya oNgcwele, kubonakala uNkulunkulu. Noma bakholwa ukuthi lapho kunezithombe zokomoya, kubonakala uNkulunkulu. Noma bakholwa ukuthi lapho abantu bedumile, kubonakala uNkulunkulu. Okwamanje, masingagxili ekuthini izinkolo ezinjalo zilungile noma azilungile. Ukuchaza imibuzo enjalo, kumele sicacise injongo kuqala: Sifuna imilobo yezinyawo zikaNkulunkulu. Asifuni izithombe zomoya, futhi asilandeli abantu abadumile, silandela imilobo yezinyawo zikaNkulunkulu. Njengalokho, njengoba sifuna imilobo yezinyawo zikaNkulunkulu, kumele sifune intando kaNkulunkulu, amagama kaNkulunkulu, amazwi kaNkulunkulu—ngoba lapho kunamagama amasha kaNkulunkulu, kunephimbo likaNkulunkulu, futhi lapho kunemilobo yezinyawo zikaNkulunkulu, kunezenzo zikaNkulunkulu. Lapho kunezwi likaNkulunkulu, kubonakala uNkulunkulu, futhi lapho kubonakala uNkulunkulu, kukhona iqiniso, indlela kanye nempilo. Ngenkathi ufuna imilobo yezinyawo zikaNkulunkulu, uzibe amagama athi “uNkulunkulu uyiqiniso, indlela Kanye nokuphila.” Ngakho lapho abantu abaningi bethola iqiniso, abakholwa ukuthi bathole imilobo yezinyawo zikaNkulunkulu futhi abakuvumi nakancane ukubonakala kukaNkulunkulu. Iphutha elikhulu lelo! Ukubonakala kukaNkulunkulu ngeke kuhlanganiswe nemicabango yomuntu, futhi uNkulunkulu akanakubonakala nakancane ngokuthanda komuntu. UNkulunkulu wenza izinqumo Zakhe futhi unezinhlelo Zakhe uma enza imisebenzi Yakhe; ikakhulukazi, unezinjongo Zakhe, kanye nezindlela Zakhe. Akudingekile ukuthi axoxisane nomuntu ngemisebenzi ayenzayo noma afune izeluleko kumuntu, nokuthi azise wonke umuntu ngemisebenzi Yakhe. Lokhu yisimo sikaNkulunkulu futhi kakhulukazi, kumele sibonwe nguwo wonke umuntu. Uma ulangazelela ukuba ngufakazi ekubonakaleni kukaNkulunkulu, uma ufisa ukulandela imilobo yezinyawo zikaNkulunkulu, kumele okukuqala uphume ekucabangeni kwakho. Akumele ufune uNkulunkulu akwenzele lokhu nalokhuya, futhi akumele nakancane umbeke emkhawulweni wakho bese umnciphisela kokucatshangwa nguwe. Kunalokho kumele ubuze ukuthi ungayifuna kanjani imilobo yezinyawo zikaNkulunkulu, ungakwamukela kanjani ukubonakala kukaNkulunkulu, nokuthi ungazinikela kanjani emsebenzini omusha kaNkulunkulu; yilokho okumele kwenziwe ngumuntu. Njengoba umuntu engesilo iqiniso, futhi engaphethe iqiniso, umuntu kumele afune, amukele, futhi alalele.

  Kungakhathaleki ukuthi ungowaseMelika, eBrithani, noma esinye isizwe, kumele weqe imingcele yakho, weqe ubuwena, futhi ubone umsebenzi kaNkulunkulu njengesidalwa sikaNkulunkulu. Ngale ndlela, ngeke uvimbe imilobo yezinyawo zikaNkulunkulu. Ngoba, namuhla, iningi labantu licabanga ukuthi ngeke kwenzeke ukuthi uNkulunkulu abonakale ezweni elithile noma esizweni esithile. Ujule kakhulu umsebenzi kaNkulunkulu, futhi kubalulekile kakhulu ukubonakala kukaNkulunkulu! Ingalinganiswa kanjani ngombono nangokucabanga komuntu? Ngakho ngithi, kumele uphule imicabango yezwe nobuzwe bakho uma ufuna ukubonakala kukaNkulunkulu. Ngale ndlela, ngeke uvinjwe yimicabango yakho, ngale ndlela, uzofaneleka ukwamukela ukubonakala kukaNkulunkulu. Kungenjalo, uzohlala usebumnyameni, futhi ngeke uthole ukuvunywa nguNkulunkulu.

  UNkulunkulu unguNkulunkulu waso sonke isintu. Akazenzi owezwe elithile noma owamazwe athile, futhi wenza umsebenzi wohlelo Lwakhe engavinjelwe yinoma isiphi isimo, izwe noma isizwe. Mhlawumbe awukaze usicabange lesi simo noma mhlawumbe uyakuphika ukuba khona kwaso, noma mhlawumbe izwe noma isizwe lapho kubonakala khona uNkulunkulu kuyabandlululwa futhi kuthuthuke kancane kunakho konke emhlabeni. Nokho uNkulunkulu unobuhlakani bakhe. Ngamandla Akhe kanye neqiniso Lakhe kanye nesimo Sakhe uzuze ngokwempela iqembu labantu abanomqondo owodwa Naye. Futhi uzuze iqembu labantu ayefuna ukulenza: iqembu elinqotshwe Nguye, elibekezelela izivivinyo ezibuhlungu kanye nezinhlobo ezahlukahlukene zokuhlupheka futhi elingamlandela kuze kube sekugcineni. Injongo yokubonakala kukaNkulunkulu ngaphandle kokuvinjwa noma kwaluphi uhlobo noma izwe ukuthi akwazi ukuqeda umsebenzi wohlelo Lwakhe. Isibonelo, lapho uNkulunkulu aba yinyama eJudiya, injongo Yakhe kwakuwukwenza umsebenzi wokubethelwa ukuze ahlenge isintu. Kodwa amaJuda ayekholwa ukuthi ngeke ayenze leyo nto uNkulunkulu, futhi acabanga ukuthi ngeke kwenzeke ukuthi uNkulunkulu angaba yinyama athathe isimo seNkosi uJesu. “Okungenakwenzeka” kwabo kwaba isisekelo sokuthi benqabe futhi baphikise uNkulunkulu, futhi ekugcineni kwaholela ekubhidlikeni kuka-Israyeli. Namuhla, abantu abaningi benze iphutha elifanayo. Bamemezela ngokunganaki nje ukusondela kokubonakala kukaNkulunkulu, kodwa futhi bachitha ukubonakala kwakhe; “okungenakwenzeka” kwabo kuphinde kuvimbe ukubonakala kukaNkulunkulu emikhawulweni yemicabango yabo. Futhi sengibone abantu abaningi befa yinsini lapho bezithela phezu kwamazwi kaNkulunkulu. Ingabe lokhu kuhleka kwehlukile yini ekuchitheni kanye nokuhlambalaza kwamaJuda? Awuzinikele ekubhekaneni neqiniso, futhi uyalifuna iqiniso. Ufunda njengempumputhe futhi awuzinaki izinto. Uzozuzani ngokufunda kanye nokulinda kanje? Ungazithola yini ukuqondisa mathupha kukaNkulunkulu? Uma ungakwazi ukuzwa izwi likaNkulunkulu, ufaneleka kanjani ukuba ngufakazi ekubonakaleni kukaNkulunkulu? Lapho uNkulunkulu abonakala khona, kunobuqiniso, futhi kunezwi likaNkulunkulu. Yilabo kuphela abangamukela iqiniso abangezwa izwi likaNkulunkulu, futhi yilabo bantu kuphela abafanelekile ukuba ngofakazi ekubonakaleni kukaNkulunkulu. Beka imicabango yakho eceleni! Yima ufundisise la mazwi. Uma ulangazelela iqiniso, uNkulunkulu uzokukhanyisela ukuthi uqonde intando Yakhe kanye namazwi Akhe. Beka eceleni “okungenakwenzeka” kwakho! Uma abantu becabanga ukuthi into ngeke yenzeke, yilapho ingenzeka khona, ngoba ubuhlakani bukaNkulunkulu bukhulu budlula amazulu, mikhulu imicabango kaNkulunkulu idlula eyomuntu, futhi umsebenzi kaNkulunkulu weqa umngcele womcabango womuntu. Kaningi uma into ingenakwenzeka, yilapho kumele kufunwe iqiniso, uma into yedlula umcabango nomqondo womuntu, yilapho iqukethe intando kaNkulunkulu. Ngoba noma yikuphi lapho uNkulunkulu ebonakala khona, uNkulunkulu esenguNkulunkulu, futhi ubunjalo bakhe ngeke bushitshe ngenxa yendawo kanye nendlela abonakala ngayo. Isimo sikaNkulunkulu asishintshi, kungakhathaleki ukuthi imilobo yezinyawo zakhe zikuphi. Noma ngabe imilobo yezinyawo zikaNkulunkulu ikuphi, unguNkulunkulu waso sonke isintu. Isibonelo, iNkosi uJesu akasiyena uNkulunkulu wama-Israyeli kodwa unguNkulunkulu wabo bonke abantu e-Asia, eYurophu kanye naseMelika. Futhi ukudlula lokho nguyena Nkulunkulu kuphela emhlabeni wonke. Ngakho masifuneni intando kaNkulunkulu futhi sambulelwe ukuzibonakala Kwakhe ezwini Lakhe, futhi silandele imilobo yezinyawo yakhe! UNkulunkulu uyiqiniso, indlela, kanye nokuphila. Amazwi Akhe kanye nokubonakala Kwakhe kuyahambisana, futhi ukuhlela Kwakhe kanye nemilobo yezinyawo Zakhe kuyohlala kutholakala kubantu. Bafowethu nodadewethu, ngiyethemba ukuthi niyakubona ukuvela kukaNkulunkulu kulawa mazwi, futhi nizoqala ukulandela imilobo yezinyawo zakhe niye enkathini entsha, nasezulwini elihle elisha kanye nasemhlabeni omusha olungiselelwe labo abalindele ukubonakala kukaNkulunkulu.

Umthombo: IBandla LikaNkulunkulu USomandla

UMsombuluko, Juni 26, 2017

Umuntu Angasindiswa Kuphela Ekuphatheni KukaNkulunkulu

     Wonke umuntu ubona sengathi ukuphatha kukaNkulunkulu kuyinto engajwayelekile ngoba abantu bacabanga ukuthi ukuphatha kukaNkulunkulu akuhlangene nomuntu.

ULwesibili, Juni 6, 2017

Indlela Yokwazi UNkulunkulu Osemhlabeni




  Nonke niyakujabulela ukuthola umvuzo phambi kukaNkulunkulu nokuba ababekelwe umusa Wakhe emehlwenu Akhe. Lokhu kuyisifiso sawo wonke umuntu emuva kokuqala ukukholwa kuNkulunkulu, ngokuba umuntu ulwela izinto eziphezulu ngenhliziyo yakhe yonke futhi akekho ofisa ukuba semuva kwabanye.

Bonke Abangamazi UNkulunkulu Bayilabo Abaphikisana NoNkulunkulu

Ukuze kuqondwe inhloso yomsebenzi kaNkulunkulu, umphumela okufanele umuntu afinyelele kuwo, kanye nentando kaNkulunkulu ngomuntu, yilokhu okufanele wonke umuntu olandela uNkulunkulu afinyelele kukho. Manje into abantu bonke abayiswele ukwazi umsebenzi kaNkulunkulu. Umuntu akazi futhi akaqondi ukuthi umsebenzi kaNkulunkulu kumuntu uyini empeleni, umsebenzi kaNkulunkulu uwonke, kanye nentando kaNkulunkulu kusukela ekudalweni komhlaba.

UMsombuluko, Juni 5, 2017

Ukubuyisela Impilo Ejwayelekile Yomuntu Nokumhambisa Endaweni Emangalisayo Okuphokophelwe Kuyo



  Umuntu uqonda kancane ngomsebenzi wanamuhla nomsebenzi wangesikhathi esizayo, kodwa akasiqondi isiphetho isintu esizongena kuso. Njengesidalwa umuntu kufanele enze umsebenzi wesidalwa: Umuntu kufanele alandele uNkulunkulu kunoma yini ayenzayo, futhi kufanele nenze nganoma iyiphi indlela enginitshela ngayo.

ISonto, Meyi 21, 2017

Umele Ukuphilela Iqiniso Njengalokhu Ukholelwa KuNkulunkulu

Inkinga ejwayelekile ekhona kubo bonke abantu ukuthi bayaliqonda iqiniso kodwa abakwazi ukulenza. Imbangela eyodwa edala lokhu ukuthi abantu abafuni ukwenza konke okusemandleni ukuzimisela, futhi enye imbangela yalokhu ukuthi ukuhlakanipha komuntu akwenele; akakwazi ukubuka izinkinga angahlangabezana nazo ezikhona empilweni ngeso elidlulayo futhi akakwazi ukuthatha izinyathelo ezifanele.