Wonke umuntu okholwa kuNkulunkulu futhi abuyele kuNkulunkulu unengqondo engavamile. Lokhu okuhlangenwe nakho kuhlukile.

Kuboniswa okuthunyelwe okunelebula ukwambula iqiniso. Bonisa konke okuthunyelwe
Kuboniswa okuthunyelwe okunelebula ukwambula iqiniso. Bonisa konke okuthunyelwe

UMsombuluko, Disemba 23, 2019

3. Ukuhlukanisa Phakathi KukaKristu Wangempela NoKristu Bamanga

Amazwi KaNkulunkulu Abalulekile:

UNkulunkulu waba inyama eyabizwa ngokuthi uKristu, futhi okuwuKristu okwazi ukunika abantu iqiniso elibizwa ngokuthi uNkulunkulu. Akukho okukhulu ngalokhu, ngoba uqukethe isiqu sikaNkulunkulu, futhi uqukethe isimo sikaNkulunkulu, kanye nobuhlakani emsebenzini Wakhe, umuntu angekuthole.

UMsombuluko, Disemba 16, 2019

6. Ukuhlukanisa Phakathi Kwabaholi Bangempela Nabamanga, Naphakathi Kwabelusi Bangempela Nabamanga

Amazwi KaNkulunkulu Abalulekile:

Umsebenzi womsebenzi ofanelekile ungayisa abantu endleleni eyiyo futhi ubavumele ukuthi bajule eqinisweni. Umsebenzi awenzayo ungaletha abantu phambi kukaNkulunkulu. Phezu kwalokho, umsebenzi awenzayo ungahlukahlukana kumuntu nomuntu futhi awucindezelwa yimithetho, evumela abantu ukuthi badedele futhi bakhululeke.

ISonto, Disemba 15, 2019

7. Umehluko Phakathi Kwezenzo Zangaphandle Ezinhle Nezinguquko Esimweni

Amazwi KaNkulunkulu Abalulekile:

Ukuguquka esimweni ikakhulu kubhekisele ekuguqukeni emvelweni yakho. Imvelo ayiyona into ongayibona ngokuziphatha kwangaphandle; imvelo ibandakanya ngokuqondile umsebenzi nokubaluleka kobukhona babantu. Ibandakanya ngokuqondile ukubaluleka kokuphila komuntu, izinto ezijulile phakathi komphefumulo, nengqikithi yabantu. Ukuba abantu babengakwazi ukwamukela iqiniso, khona-ke babengeke babe nezinguquko kulezi zingxenye.

ISonto, Novemba 17, 2019

Kuyini ukulandela umuntu?

Amazwi KaNkulunkulu Abalulekile:

Abanye abantu abajatshuliswa iqiniso, abajatshuliswa nakakhulu ukwahlulelwa. Kunalokho, bajatshuliswa ukuba namandla nengcebo; abantu abanjalo bathathwa njengabathanda ubukhulu. Bafuna ngokukhethekile lawo mahlelo emhlabeni anamagalelo nabefundisi nothisha abavela emakolishi okufundela ubufundisi.

ULwesithathu, Septhemba 11, 2019

Ingabe UZiqu Zintathu Into Ekhona?

Ngemva kokuba abantu sebazi iqiniso lokuthi uJesu waba yinyama baqaphela lokhu:

Ngemva kokuba abantu sebazi iqiniso lokuthi uJesu waba yinyama baqaphela lokhu: Ezulwini akukho kuphela uBaba, kodwa kuneNdodana, kanye noMoya imbala. Abantu bebelokhu bekholelwa, ukuthi kunalo Nkulunkulu ezulwini: uZiqu zintathu okunguYise, iNdodana, noMoya oNgcwele, bamunye.

ULwesithathu, Ephreli 18, 2018

Mayelana neBhayibheli (4)

Abantu abaningi bakholwa ukuthi ukuqonda nokukwazi ukuchaza iBhayibheli kufana nokuthola indlela yeqiniso—kodwa empeleni, Ingabe izinto zicace kanjalo ngempela? Akekho owazi iqiniso leBhayibheli: ukuthi aliyilutho oludlula umbhalo womlando ngomsebenzi kaNkulunkulu, kanye nobufakazi bezigaba ezimbili zomsebenzi kaNkulunkulu zaphambilini, futhi alikuniki ukuqonda izinhloso zomsebenzi kaNkulunkulu. 

ULwesibili, Mashi 6, 2018

Isahluko 44

Abantu baphatha umsebenzi Wami njengento esizayo nje, abadlulwa ukudla noma ukulala ngenxa yawo, ngalokho futhi anginakho okunye engingakukhetha ngaphandle kokwenza izimfuno ezimfanele umuntu ngesimo sengqondo sakhe Ngami. Ngikhumbula ukuthi ngake kanye ngamnika umuntu umusa omkhulu nezibusiso eziningi, kodwa emva kokuzihlwitha lezi zinto wasuka masinyane wahamba.

ISonto, Septhemba 17, 2017

UMLANDO WOKUHLUSHWA NGENXA YENKOLO ECHINA: ICEBO LOKUFIHLA UBUFAKAZI (Iziqeshana)

 Selokhu lathatha izintambo Ezweni laseShayina ngo-1949, iqembu iChinese Communist Party alikaze liyeke ukuhlupha abantu abakholwayo. Libophe futhi labulala amaKristu ngokuzimisela okukhulu, laxosha futhi lahlukumeza amamishinari asebenza eShayina, lashaqa futhi lashisa inqwaba yamakhophi eBhayibheli, lavala futhi lacekela phansi amasonto, futhi ngaphandle kwempumelelo lazama ukuqeda zonke izindlu zokukhonzela. Le filimu ikhombisa ukushona okungazelele komKristu waseShayina ogama linguSong Xiaolan – ukufa iphoyisa le-CCP lachaza ngakho linikeza izincazelo ezingafani futhi ezishayisanayo.