Wonke umuntu okholwa kuNkulunkulu futhi abuyele kuNkulunkulu unengqondo engavamile. Lokhu okuhlangenwe nakho kuhlukile.

Kuboniswa okuthunyelwe okunelebula umsebenzi wensindiso. Bonisa konke okuthunyelwe
Kuboniswa okuthunyelwe okunelebula umsebenzi wensindiso. Bonisa konke okuthunyelwe

ISonto, Disemba 8, 2019

3. Ekukholweni KuNkulunkulu, Kufanele Wakhe Ubudlelwane Obejwayelekile NoNkulunkulu.

Amazwi KaNkulunkulu Abalulekile:

Ekukholelweni kuNkulunkulu, okungenani kumele ulungise indaba yokuba nobuhlobo obujwayelekile noNkulunkulu. Ngaphandle kobuhlobo obujwayelekile noNkulunkulu, kuyalahleka ukubaluleka kokukholelwa kuNkulunkulu. Ukwakha ubuhlobo obujwayelekile noNkulunkulu ngokugcwele kutholakala ngokuthulisa inhliziyo yakho phambi kukaNkulunkulu.

ISonto, Disemba 1, 2019

ULwesine, Novemba 28, 2019

2. Kungani UNkulunkulu Ebizwa Ngamagama Ehlukene Ezinkathini Ezehlukene?

Inkathi nenkathi, uNkulunkulu wenza umsebenzi omusha futhi ubizwa ngegama elisha; angawenza kanjani umsebenzi ofanayo ngezikhathi ezingafani?

Amazwi KaNkulunkulu Abalulekile:

Inkathi nenkathi, uNkulunkulu wenza umsebenzi omusha futhi ubizwa ngegama elisha; angawenza kanjani umsebenzi ofanayo ngezikhathi ezingafani? Anganamathela kanjani kokudala? Igama likaJesu lathathwa ngenxa yomsebenzi wokuhlenga, ngakho ingabe uzobizwa ngegama elifanayo lapho ebuya ezinsukwini zokugcina?

ISonto, Okthoba 6, 2019

Ukuba Semzimbeni Wobuntu Okubili Kuphelelisa Ukubaluleka Kokuba Semzimbeni Wobuntu

Isigaba ngasinye somsebenzi owenziwe nguNkulunkulu sinokubaluleka kwaso ngokoqobo.

Isigaba ngasinye somsebenzi owenziwe nguNkulunkulu sinokubaluleka kwaso ngokoqobo. Kudala, lapho uJesu efika, wayengowesilisa, kodwa lapho uNkulunkulu eza manje, ungowesifazane. Ngalokhu, uyabona ukuthi uNkulunkulu wadala kokubili owesilisa nowesifazane ebadalela umsebenzi Wakhe, futhi Kuye awukho umehluko wobulili.

UMsombuluko, Septhemba 16, 2019

UNkulunkulu UyiNkosi Yayo Yonke Indalo

Isigaba esisodwa somsebenzi wezinkathi ezimbili ezingaphambilini senzeka kwa-Israyeli; esinye senzeka eJudiya. Uma sikhuluma ngokujwayelekile, asikho esalezi zigaba zomsebenzi esashiya u-Israyeli;

ULwesine, Ephreli 5, 2018

Yilabo Kuphela Abagxila Ekwenzeni Abangapheleliswa

Ezinsukwini zokugcina uNkulunkulu waba yinyama ukuze enze umsebenzi okwakufanele awenze nokwenza inkonzo yaKhe yamazwi. Weza engumuntu ukuzosebenza phakathi kwabantu ngenhloso yokuphelelisa labo abafuna inhliziyo yaKhe. Kusukela kudalwa kuze kube namuhla wenze lowo msebenzi kuphela ngezinsuku zokugcina. 

ULwesihlanu, Mashi 16, 2018

Isahluko 31

Isimo sikaNkulunkulu sikhona kuwo wonke amazwi kaNkulunkulu, kodwa okubaluleke kakhulu emazwini Akhe ukwambula ubumbuka bawo wonke umuntu bese ebeka obala izinto ezifana nokungalaleli kwabo, ukungazithobi, ukwenza okungemukelekile, ukungabi mnene, kanye nokungakwazi ukumthanda uNkulunkulu ngeqiniso. 

UMsombuluko, Mashi 12, 2018

Isahluko 21

Emehlweni kaNkulunkulu, abantu banjengezilwane emhlabeni wezilwane. Bayalwa, babulalane futhi baxhumane nabanye ngokumangalisayo. Emehlweni kaNkulunkulu, baphinde futhi bafane nezinkawu, bakhelana uzungu kungakhathaleki ubudala noma ubulili. Ngalokho, konke lokho isintu sonke esikwenzayo nesikubonakalisayo akukaze kube okwenhliziyo kaNkulunkulu. 

ISonto, Mashi 11, 2018

Isahluko 18

Ngokuphazima kombani, isilwane ngasinye sivezwa ngobunjalo baso. Kanjalo, nabantu ngokukhanyiswa ukukhanya Kwami, baphinde babuyela esimweni sobungcwele abake baba naso.

ULwesibili, Mashi 6, 2018

Isahluko 44

Abantu baphatha umsebenzi Wami njengento esizayo nje, abadlulwa ukudla noma ukulala ngenxa yawo, ngalokho futhi anginakho okunye engingakukhetha ngaphandle kokwenza izimfuno ezimfanele umuntu ngesimo sengqondo sakhe Ngami. Ngikhumbula ukuthi ngake kanye ngamnika umuntu umusa omkhulu nezibusiso eziningi, kodwa emva kokuzihlwitha lezi zinto wasuka masinyane wahamba.

UMgqibelo, Januwari 6, 2018

Isahluko 17

Izwi Lami likhala njengokuduma kwezulu, likhanyise amagumbi omane nomhlaba wonke, phakathi kokuduma kwezulu nokushaya konyazi, umuntu uqumbeka phansi. Akekho umuntu oke wema wanganyakaziseka uma kuduma izulu kushaya nombani:

ULwesibili, Meyi 30, 2017

Indaba Eyiqiniso Ngomsebenzi Wenkathi Yokuhlengwa

uNkulunkulu,umsebenzi wensindiso

Lonke uhlelo Lwami lokuphatha, uhlelo oluhlanganisa iminyaka eyizinkulungwane eziyisithupha, lunezigaba ezintathu, noma izinkathi ezintathu: Inkathi yoMthetho ekuqaleni; Inkathi yoMusa (ephinde yaziwe ngokuthi Inkathi yokuHlengwa); neNkathi yoMbuso ezinsukwini zokugcina.