
Eqinisweni, umsebenzi owenziwa manje owokuthi abantu bafulathele uSathane, bafulathele ukhokho wabo omdala. Zonke izahlulelo ngezwi zihlose ukudalula isimo esikhohlakele sesintu nokwenza abantu baqonde isiqu sempilo.Lezi zahlulelo eziphindaphindiwe zonke zigwaza izinhliziyo zabantu.Isahlulelo ngasinye sinomthelela ngqo emphumeleni wabo kanti sihloselwe ukudala amanxeba ezinhliziyweni zabo khona bezoyeka zonke lezo zinto ngaleyo ndlela bagcine beyazi impilo; bazi lo mhlaba ongcole kangaka, futhi bazi ubuhlakani bukaNkulunkulu nokuba nguSomandla futhi bazi lesi sintu esonakaliswe nguSathane.