Wonke umuntu okholwa kuNkulunkulu futhi abuyele kuNkulunkulu unengqondo engavamile. Lokhu okuhlangenwe nakho kuhlukile.

ULwesine, Ephreli 5, 2018

Yilabo Kuphela Abagxila Ekwenzeni Abangapheleliswa

Ezinsukwini zokugcina uNkulunkulu waba yinyama ukuze enze umsebenzi okwakufanele awenze nokwenza inkonzo yaKhe yamazwi. Weza engumuntu ukuzosebenza phakathi kwabantu ngenhloso yokuphelelisa labo abafuna inhliziyo yaKhe. Kusukela kudalwa kuze kube namuhla wenze lowo msebenzi kuphela ngezinsuku zokugcina. Kungezinsuku zokugcina kuphela lapho uNkulunkulu osenyameni enza khona umsebenzi omkhulu kangaka. Yize ebekezelela ubunzima abantu abakuthola kunzima ukububekezelela, nakuba enguNkulunkulu omkhulu wakwazi ukwehla waba ngumuntu ojwayelekile, akukho nokukodwa emsebenzini waKhe okungenziwanga ngesikhathi, futhi uhlelo lwaKhe aludidi muntu. Wenza umsebenzi ngokulandela uhlelo lwaKhe lwasekuqaleni. Enye yezinhloso zokuba senyameni ukunqoba abantu. Enye ukuphelelisa abantu abathandayo. Ufisa ukubabona ngamehlo aKhe abantu abaphelelisayo, futhi ufuna ukuzibonela ukuthi abantu abaphelelisile baba nabuphi ubufakazi ngaYe. Akuyena umuntu oyedwa opheleliswayo, futhi akubona ababili. Kodwa yiqembu labantu abambalwa. Leli qembu labantu livela emazweni ahlukahlukene emhlabeni, futhi bavela ezinhlangeni ezehlukahlukene emhlabeni. Inhloso yokwenza lo msebenzi omkhulu ukuzuza leli qembu labantu, ukuzuza ubufakazi leli qembu labantu elinabo ngaye, kanye nokuthola ukudunyiswa ngaleli qembu labantu. Akawenzi umsebenzi ongabalulekile, futhi akawenzi umsebenzi ongasizi ngalutho. Kungashiwo ukuthi ekwenzeni umsebenzi omningi kangaka, inhloso kaNkulunkulu ukuphelelisa labo afisa ukubaphelelisa. Esikhathini anaso ngaphandle kwalokhu, uzosusa labo ababi. Yazi lokhu ukuthi akawenzi lo msebenzi omkhulu ngenxa yalabo bantu ababi; kunalokho, uzinikela ngakho konke ngenxa yalelo dlanzana elizopheleliswa nguYe. Umsebenzi awenzayo, amazwi awakhulumayo, izimfihlakalo azembulayo, kanye nokwahlulela kwaKhe nokusola KwaKhe konke ukwenza ngenxa yalelo dlanzana labantu. Akazange abe yinyama ngenxa yalabo bantu ababi, futhi abavusi nolaka olukhulu kuYe. Ukhuluma iqiniso, akhulume ngokungena, ngenxa yalabo okumele bapheleliswe, waba yinyama ngenxa yabo, futhi ubeke izethembiso nezibusiso zaKhe ngenxa yabo. Yiqiniso, ukungena, nokuphila ngobuntu lokhu akhuluma ngakho akungenxa yalabo bantu ababi. Ufuna ukugwema ukukhuluma nabantu ababi, ufisa ukukhuluma iqiniso kulabo abazopheleliswa. Kodwa umsebenzi waKhe udinga ukuthi, okomzuzwana, labo bantu ababi bavunyelwe bathokozele enye yengcebo yaKhe. Labo abangalenzi iqiniso, abangamenelisi uNkulunkulu, nabaphazamisa umsebenzi waKhe bonke bangabantu ababi. Angeke bapheleliswe, futhi uNkulunkulu uyabazonda futhi uyabachitha. Kanjalo, abantu abenza iqiniso nabenelisa uNkulunkulu nabazinikela ngokuphelele emsebenzini kaNkulunkulu yibona abantu abazopheleliswa uNkulunkulu. Labo uNkulunkulu afisa ukubaphelelisa abekho abanye ngaphandle kwaleli qembu labantu, kanti nomsebenzi uNkulunkulu awenzayo kungenxa yalaba bantu. Iqiniso akhuluma ngalo libhekiswe kubantu abafisa ukulenza. Akakhulumi nabantu abangalenzi iqiniso. Ukunyuka kolwazi nokukhula kokuhlola imimoya akhuluma ngakho kubhekiswe kubantu abakwaziyo ukwenza iqiniso. Uma ekhuluma ngalaba abazopheleliswa ukhuluma ngalaba bantu. Umsebenzi kaMoya Ongcwele uqondiswe kubantu abakwaziyo ukwenza iqiniso. Izinto ezifana nokuba nobuhlakani nokuba nobuntu ziqondiswe kubantu abafisa ukwenza iqiniso. Labo abangalenzi iqiniso bangase bezwe amaqiniso amaningi futhi bangase baqonde amaqiniso amaningi, kodwa ngenxa yokuthi baphakathi kwabantu ababi, iqiniso abaliqondayo livele libe yizimfundiso zenkolo namazwi, lingabaluleki ngalutho ekushintsheni kwesimo sabo noma kwezimpilo zabo. Akekho noyedwa kubo othembekile kuNkulunkulu; bonke bangabantu abambonayo uNkulunkulu kodwa abangeke bamthole, futhi bonke uNkulunkulu ubalahla ngecala.

UMoya Ongcwele unendlela okumele ayihambe kumuntu nomuntu, futhi unika umuntu nomuntu ithuba lokupheleliswa. Ngokunganaki kwakho wenziwa ukuba ubone inkohlakalo yakho, bese uma ulahla lokhu kunganaki uzobe usuthola indlela okumele wenze ngayo, kanti lokhu yikona kupheleliswa kwakho. Futhi, ngokuqhubeka uqondiswa futhi ukhanyiselwa ngezinto ezinhle ezingaphakathi kuwe, uzokwazi ukuthi ugcwalise umsebenzi wakho futhi ukhule ngolwazi uphinde uzuze ukuhlola imimoya. Uma izimo zakho zizinhle, uyakwazi ukufunda izwi likaNkulunkulu, uyakwazi nokukhuleka kuNkulunkulu, futhi uyakwazi nokuthi izintshumayelo ezishunyayelwayo uzibhekise esimweni sakho. Ngalesi sikhathi uNkulunkulu ukunika ulwazi akukhanyisele ngaphakathi, akwenze ubone ezinye izinto ezinhle. Lokhu ukupheleliswa kwakho ohlangothini lwezinto ezinhle. Ezimweni ezimbi, uzizwa ubuthaka futhi kungekho okuhle, uzizwe sengathi awunaye uNkulunkulu enhliziyweni yakho, kodwa uNkulunkulu uyakukhanyisela, akusize uthole indlela okumele uhambe noma wenze ngayo. Uma uphuma kulokhu usuke uthole ukupheleliswa ohlangothini lwezinto ezimbi. UNkulunkulu angabaphelelisa abantu ezintweni ezinhle nakwezimbi. Kuya nokuthi uyakwazi yini ukubona, nokuthi ngabe uphokophelele na ukupheleliswa nguNkulunkulu. Uma ufuna ngempela ukupheleliswa nguNkulunkulu, izinto ezimbi ngeke zikwenze uzwe ungolahlekelwe, kodwa zingakulethela izinto zeqiniso, zikwenze wazi ukuthi yini le oyintulayo kuwe ngaphakathi, nokuthi ukwazi ukubhekana nezimo zakho, nokuthi ubone ukuthi umuntu akanalutho futhi akayilutho; uma ungahlangabezani nezilingo, awazi, futhi uzohlala uzwa sengathi ungaphezulu kwabanye futhi ungcono kunabo bonke abantu. Kukho konke uzobona ukuthi konke lokhu okuze ngaphambilini kwakwenziwe nguNkulunkulu futhi kwavikelwa uNkulunkulu. Ukungena ezilingweni kukushiya ungenalo uthando noma ukholo, ungakwazi nokuthandaza, ungakwazi nokucula amaculo—kuthi ungasanakile, kukho konke lokhu ufinyelele ekuzazini wena uqobo. UNkulunkulu unezindlela eziningi zokuphelelisa umuntu. Usebenzisa zonke izindlela zezimo ukuze abhekane nesimo sokukhohlakala somuntu, asebenzise izinto ezehlukene ukuze abeke umuntu obala; ngakolunye uhlangothi ubhekana nomuntu, ngakolunye ubeka umuntu obala, kolunye uveza umuntu, agubhe aveze “izimfihlakalo” zisekujuleni kwenhliziyo yomuntu, akhombise umuntu ubunjalo bakhe ngokuveza izimo zakhe eziningi. UNkulunkulu uphelelisa umuntu ngezindlela eziningi—ngezambulo, ngokubhekana naye, ngokumcwengisisa, nokumsola—ukuze umuntu akwazi ukuthi uNkulunkulu unguNkulunkulu owenzayo.

Yini le eniyifunayo manje? Hleze kungukupheleliswa nguNkulunkulu, ukwazi uNkulunkulu, ukuthola uNkulunkulu, noma kuyindlela kaPetru wekhulu lamashumi amabili, noma ukuba nokholo olungaphezulu kolukaJobe. Ningafuna okuningi, kungaba ukufuna ukubizwa nguNkulunkulu ngabalungileyo bese nifika phambi kwesihlalo sobukhosi, noma nikwazi ukubona uNkulunkulu emhlabeni nibe ofakazi abaqavile baNkulunkulu. Noma ngabe yini le eniyifunayo, kukho konke, kungenxa yohlelo lukaNkulunkulu lokuphatha. Noma ngabe ufuna ukuba umuntu olungile, noma ufuna uhlobo lukaPetru, noma ukholo lukaJobe, noma ukupheleliswa nguNkulunkulu, noma ngabe yini oyifunayo, kafushane nje, konke kungumsebenzi kaNkulunkulu. Ngamanye amazwi, noma ngabe yini oyifunayo, konke kungenxa yokuthi ufuna ukupheleliswa nguNkulunkulu, konke kungenxa yokuthi ufuna ukubona izwi likaNkulunkulu, ukwenelisa inhliziyo kaNkulunkulu; konke kungenxa yokuthola ukuthanda kukaNkulunkulu, kungukufuna indlela yokwenza ngenhloso yokwazi ukulahla isimo sakho esihlubukayo, ukufinyelela esimweni esijwayelekile ngaphakathi kuwe, ukwazi ukuguqukela entandweni kaNkulunkulu, ukuba umuntu olungile, nokuba nenhloso efanele kukho konke okwenzayo. Inhloso yokuthi udlule kuzo zonke lezi zinto ukuze ufinyelele ekumazini uNkulunkulu nokukhula empilweni. Yize lokhu okubonayo kuyizwi likaNkulunkulu, futhi lokhu odlula kukho kuyizinto ezenzeka ngempela, abantu, izindaba, nezinto ezikuzungezile, ekugcineni uyakwazi ukumazi uNkulunkulu nokuthi upheleliswe uNkulunkulu. Ukufuna ukuhamba ngendlela yomuntu olungile noma ukufuna ukwenza izwi likaNkulunkulu, lezi izona zindlela. Ukwazi uNkulunkulu nokupheleliswa nguNkulunkulu yilapho uya khona. Noma ngabe ukufuna manje ukupheleliswa nguNkulunkulu, noma ukuba ufakazi kaNkulunkulu, ekugcineni, kungukwazi uNkulunkulu; kwenzela ukuthi umsebenzi awenzayo kuwe ungabi yize leze, ukuze kuthi ekugcineni ufinyelele ekwazini ubuqiniso bukaNkulunkulu, ubazi ubukhulu baKhe, ikakhulu ukwazi ukuthobeka kukaNkulunkulu nokufihlakala kwaKhe, nokwazi umsebenzi omkhulu uNkulunkulu awenzayo kuwe. UNkulunkulu uzehlisile wazibeka ezingeni elithile, ukwenza umsebenzi waKhe kula bantu abangcolile nabakhohlakele, nokuthi aphelelise leli qembu labantu. UNkulunkulu akazange abe yinyama ukuze aphile adle nabantu kuphela, eluse abantu, nokuzohlinzeka abantu lokhu abakudingayo. Okubaluleke nakakhulu ukuthi wenza umsebenzi waKhe omkhulu wokusindisa nokunqoba laba bantu abakhohlakele ngendlela engakholakali. Weza esizindeni sikadrako omkhulu obomvu ukuzosindisa laba bantu abakhohlakele kakhulu, ukuze bonke abantu bashintshe babe basha. Ubunzima uNkulunkulu akubekezelela akubona ubunzima obabekezelelwa uNkulunkulu osenyameni kuphela, kodwa yilobu uNkulunkulu uMoya Ongcwele ezwa ukuhlazeka okukhulu ngabo—wazithoba wazifihla ukuze abe ngumuntu ojwayelekile. UNkulunkulu waba senyameni waba yinyama ukuze abantu babone ukuthi naYe uphila impilo ejwayelekile, nokuthi naYe unezidingo ezijwayelekile zabantu. Lokhu kwanele ukufakazela ukuthi uNkulunkulu uzithobile wazibeka ezingeni elithile. Umoya kaNkulunkulu ubonakala enyameni. Umoya waKhe uphakeme futhi mkhulu, kodwa waba ngumuntu ojwayelekile, waba umuntu onganakekile ukuze enze umsebenzi kaMoya Ongcwele. Uhlobo, ulwazi, umuzwa, ubuntu, kanye nezimpilo zenu zikhombisa ukuthi anifanelekile ngempela ukwamukela umsebenzi kaNkulunkulu walolu hlobo. Anifanelekile ngempela ukuthi uNkulunkulu abekezelele ubunzima obufana nalobu ngenxa yenu. UNkulunkulu mkhulu. Uphakeme, kanti abantu bayadelela futhi baphansi, kodwa yize kunjalo usasebenza kubo. Akazange abe senyameni ukuze azohlinzekela abantu kuphela, ukuzokhulumela abantu, waze wahlala ndawonye nabantu. UNkulunkulu uthobeke ngale ndlela, futhi uyathandeka. Uma nje kukhulunywa ngothando lukaNkulunkulu, uma nje kukhulunywa ngomusa kaNkulunkulu, nehla izinyembezi nibe nimdumisa, uma nifinyelela kulesi simo, nizobe seniyamazi kahle uNkulunkulu.

Kukhona ukwehlukana ekufuneni kwabantu esikhathini sanamuhla; sebefuna ukuthanda nokwanelisa uNkulunkulu, kodwa abanalwazi ngoNkulunkulu, futhi sebekhohliwe ngolwazi nokukhanyiselwa nguMoya Ongcwele okungaphakathi kubo. Bonke labo abafuna ukuba nolwazi oluyiqiniso ngoNkulunkulu, labo bantu ababesezimweni ezingezinhle kudala, ababehlala benezinto ezimbi futhi bebuthaka, ababehlala bekhala, abaphelelwa ukukhuthazeka, baphoxeka; abantu abanjalo sebesesimweni esingcono ngoba kuningi asebekubonile nabadlule kukho. Ngemva kokubhekana nesimo sokuphuka, noma sokudlula esimweni sokucwengwa, sebenze kangcono kakhulu. Izimo ezifana nalezi ngeke ziphinde zibehlele futhi, isimo sabo sesishintshile, nothando lukaNkulunkulu luyabonakala kubo. Kunombandela ekuphelelisweni kwabantu nguNkulunkulu, okungukuthi ukunika ulwazi ngokusebenzisa ingxenye yakho oyithandayo ukuze ube nendlela yokwenza bese uzihlukanisa nazo zonke izimo ezimbi, usize umoya wakho uthole ukukhululeka, kukwenze ukwazi ukumthanda kakhulu Yena. Ngale ndlela uyakwazi ukulahla isimo esikhohlakele sikaSathane. Umsulwa futhi uvulelekile, uyafisa ukuzazi wena uqobo, futhi uyafisa ukwenza iqiniso. UNkulunkulu uyabona ukuthi uyafisa ukuzazi futhi uyafisa ukwenza iqiniso, ngakho-ke uma ubuthaka futhi unezinto ezimbi, ukunika ulwazi olwengeziwe, akusize uzazi kangcono, ufise ukuphenduka, ukwazi ukwenza izinto okumele uzenze. Yingale ndlela kuphela lapho inhliziyo yakho izoba nokuthula. Umuntu ovamise ukunaka ukwazi uNkulunkulu, onakayo ukuzazi yena uqobo, onaka izinto azenzayo uzokwazi ukuthola umsebenzi kaNkulunkulu, ukuthola ukuqondiswa nolwazi oluvela kuNkulunkulu. Nakuba kunezinto ezimbi, uyakwazi ukushintsha ngokushesha, noma ngabe kungenxa kanembeza noma ulwazi oluvela ezwini likaNkulunkulu. Ukushintsha kwesimo somuntu kwenzeka uma umuntu esazi isimo akuso ngaleso sikhathi esazi futhi nesimo nomsebenzi kaNkulunkulu. Umuntu ofisayo ukuzazi futhi efisa ukuzibeka obala uzokwazi ukwenza iqiniso. Lolu hlobo lomuntu umuntu othembekile kuNkulunkulu, kanti umuntu othembekile kuNkulunkulu unakho ukuqonda uNkulunkulu, noma ngabe kunzulu noma cha, kuyindlala kuyinala. Lokhu ukulunga kukaNkulunkulu, futhi kuyinto etholwa abantu, ilokhu abakuzuzayo. Umuntu onolwazi ngoNkulunkulu yilowo onesisekelo, onombono. Lolu hlobo lomuntu luqinisekile ngokuba yinyama kukaNkulunkulu, futhi uqinisekile ngezwi likaNkulunkulu nangomsebenzi kaNkulunkulu. Noma ngabe uNkulunkulu usebenza noma ukhuluma kanjani, noma abanye abantu bamphazamisa kanjani, usengakwazi ukuma kulokhu akholelwa kukho, ame abe ufakazi kuNkulunkulu. Uma umuntu ewulolu hlobo kulapho ekwazi khona ukwenza iqiniso aliqondayo. Ngenxa yokuthi uhlale enza izwi likaNkulunkulu, uthola ukuqonda uNkulunkulu kangcono, bese eba nezisombululo zokuthi akwazi ukuma afakazele uNkulunkulu.

Ukukwazi ukuhlola imimoya, ukuthobeka, nokukwazi ukubona ezintweni ukuze ube namandla emoyeni kusho ukuthi unamazwi kaNkulunkulu akukhanyiselayo nakunika ulwazi ngaphakathi kuwe uma nje uhlangabezana nokuthile. Lokhu kungukuba namandla emoyeni. Yonke into eyenziwa uNkulunkulu uyenzela ukuvuselela imimoya yabantu. Kungani uNkulunkulu ehlala ethi abantu abanamuzwa futhi bapholile? Ingabe lokhu kungenxa yokuthi imimoya yabantu isifile, sebephelelwe imizwa ngendlela yokuthi abasaziboni izinto zakamoya. Umsebenzi kaNkulunkulu ukwenza abantu bathuthuke ezimpilweni zabo, futhi uvuselele imimoya yabantu, ukuze bakwazi ukubona izinto zikamoya, futhi bahlala bekwazi ukuthi bathande uNkulunkulu ezinhliziyweni zabo nokwenelisa uNkulunkulu. Ukufika kule ndawo kukhombisa ukuthi umoya womuntu usuvuselelekile, bese kuthi uma ehlangabezana nokuthile ngesikhathi esizayo, akwazi ukwenza okufanele. Uyakwazi ukwamukela izintshumayelo, futhi uphendula ngokushesha ezimweni. Lokhu yikho ukufinyelela emandleni omoya. Baningi abantu abaphendula ngokushesha ezigamekweni zangaphandle, kodwa uma ungena eqinisweni, noma uma kubalwa izinto ezinemininingwane zakamoya, baphelelwa imizwa baphole. Into bayiqonda kuphela uma bebhekene ngqo nayo. Konke lokhu izimpawu zokungabi namizwa nokuphola kokukamoya, ukuba nolwazi oluncane ngezinto zakamoya. Abanye abantu banamandla emoyeni futhi bayakwazi ukuhlola imimoya. Uma nje bezwa into eqondiswe esimweni sabo abachithi sikhathi bayibhala phansi. Bayisebenzise kokulandelayo abahlangabezana nakho, nasekuzishintsheni. Lona ngumuntu onamandla emoyeni. Kungani ekwazi ukuphendula ngokushesha okungaka? Kungoba ugxila kulezi zinto nsuku zonke, uma nje kukhulunywa ngokukodwa kwalezi zinto, kube ukuthi kuhlangabezana nesimo sakhe sangaphakathi, bese eyakwazi ukukwamukela ngaleso sikhathi. Kufana nokunika umuntu olambile ukudla; uyakwazi ukuthi adle ngaleso sikhathi. Uma unika umuntu ongalambile ukudla, akasheshi ukudla. Uhlale uthandaza kuNkulunkulu, bese uyakwazi ukwenza okuthile ngaleso sikhathi uma uhlangabezana nokuthile: lokhu okufunwa uNkulunkulu kulolu daba nendlela okumele wenze ngayo. UNkulunkulu wakuqondisa kulolu daba ngesikhathi esedlule; uma uhlangabezana nento efanayo namuhla usuyazi ukuthi ungena kanjani kuleso simo, ukwenelisa inhliziyo kaNkulunkulu. Uma uhlale wenza ngale ndlela futhi uhlale ubona izinto ezinje, ngesinye isikhathi uzogcina usukwazi ukuthi umelana kanjani nazo. Uma ufunda izwi likaNkulunkulu uyazi ukuthi uNkulunkulu ukhuluma ngohlobo lomuntu onjani, uyazi ukuthi izimo ezinjani zomoya akhuluma ngazo, futhi uyakwazi ukubamba iphuzu elibalulekile bese ulenza; lokhu kukhombisa ukuthi uyakwazi ukubona. Kungani abanye abantu bekuntula lokhu? Kungenxa yokuthi abazami kakhulu ukukwenza. Yize befisa ukwenza iqiniso, abanalo ulwazi lweqiniso ngemininingwane yomsebenzi, imininingwane yeqiniso ezimpilweni zabo. Ngale ndlela, ungase uduke uma abaprofethi bamanga noma abaphostoli bamanga befika. Akwamukelekile ukuziba ukuhlola imimoya. Kumele njalo uhlale unake izinto zikamoya: ukuthi yini ekhulunywa uNkulunkulu, ukuthi uNkulunkulu usebenza kanjani, ukuthi yini ayifuna kubantu, kumele usondelane nohlobo olunjani lwabantu, nokuthi hlobo luni lwabantu okumele ulugweme. Kumele ukugcizelele lokhu uma udla noma uphuza izwi likaNkulunkulu nangesikhathi uhlangabezana noma ubona izinto ngokwangempela. Uma uhlale uzwa izwi likaNkulunkulu ngale ndlela, uzoqonda iqiniso futhi uqonde kahle izinto eziningi, futhi uzokwazi nokuhlola imimoya. Kuyini ukuyalwa uMoya Ongcwele, kuyini ukuzisola okwenziwe inhloso yomuntu, kuyini ukuqondiswa uMoya Ongcwele, kuyini ukuhlelwa kwendawo, kuyini ukunikwa ulwazi amazwi kaNkulunkulu ngaphakathi, uma zingakucaceli lezi zinto, ngeke ukwazi ukuhlola imimoya. Kumele wazi ukuthi ikuphi okuvela kuMoya Ongwele, ikuphi okuyisimo esingalawuleki, ulihlonipha kanjani izwi likaNkulunkulu, nokuthi ungakulahla kanjani ukungalawuleki; kumele uqonde imininingwane yawo wonke la maqiniso, ukuze uma kukhona okwenzekayo, ube nalo iqiniso elifanele ozoliqhathanisa nakho, ube nombono ofanele njengesisekelo, ube nemigomo kukho konke okwenzayo futhi ukwazi ukwenza ngeqiniso. Impilo yakho iyogcwala ulwazi ngoNkulunkulu, igcwale izibusiso zikaNkulunkulu. UNkulunkulu ngeke amphathe kabi umuntu omfuna ngokweqiniso. Ngeke amphathe kabi umuntu ophila njengaYe ebe enobufakazi ngaYe, futhi ngeke aqalekise muntu owomele iqiniso. Uma ngenkathi udla uphuza amazwi kaNkulunkulu, kumele ubheke isimo sakho sangempela, ubheke lokhu okwenzayo, uphinde ubheke lokhu okuqondayo, kuzothi uma uhlangabezana nenkinga ube nolwazi futhi ube nokuqonda. Uzoba nendlela ezokwenza ukwazi nokuhlola imimoya yazo zonke izinto. Umuntu oneqiniso akulula ukuthi akhohliseke, futhi akulula ukuthi aziphathe ngendlela ephazamisayo noma enze izinto ngehaba. Ngenxa yeqiniso uvikelekile, futhi ngenxa yeqiniso uthola ukuqonda okukhulu. Ngenxa yeqiniso unezindlela eziningi zokwenza, uthola amathuba amaningi okuthi uMoya Ongcwele asebenze kuye, athole namathuba amaningi okuthi apheleliswe.

Awekho amazwana:

Thumela amazwana