Wonke umuntu okholwa kuNkulunkulu futhi abuyele kuNkulunkulu unengqondo engavamile. Lokhu okuhlangenwe nakho kuhlukile.

ULwesibili, Ephreli 9, 2019

Uma uKholo Lwakho Kuye Luyiqiniso, Uzovama Ukuthola Ukunakekelwa Nguye

Ukuguquka kukaNkulunkulu ngezinhloso aye nazo ngabantu baseNineve, akuna bungqikangqikaza noma ukudideka. Kepha, kwakungukuguquka kusuka entukuthelweni emsulwa kuya ekubekezeleleni okumsulwa. Lokhu ukwembulwa kwangempela kobukhona bukaNkulunkulu. UNkulunkulu akabi mangqikangqika noma angabaze ezenzweni Zakhe; izimiso kanye nezinhloso ezingemuva kwezenzo Zakhe zicacile futhi zisobala, zimsulwa futhi azinasici, azinamaqhinga noma amacebo ahlangene phakathi. Ngamanye amazwi, ubukhona bukaNkulunkulu abunabumnyama noma ububi. UNkulunkulu waba nentukuthelo nabantu baseNineve ngoba izenzo zabo zokukhohlakala zazifinyelele emehlweni Akhe; ngaleso sikhathi intukuthelo yakhe yayiveza ubukhona Bakhe. Kepha, lapho intukuthelo kaNkulunkulu inyamalala, waphinda waletha ukubekezelela phezu kwabantu baseNineve, konke akuveza kwabe kusewu bukhona Bakhe. Lolu shintsho selu lonke lwalu ngenxa yokushintsha kwesimo sengqondo yomuntu ngoNkulunkulu. Ngalesi sikhathi sisonke, isimo sikaNkulunkulu esinganengeki asizange siguquke; ingqikithi kaNkulunkulu ebekezelelayo ayizange iguquke; ubukhona bukaNkulunkulu obunothando nesihe abuzange buguquke. Uma abantu benza izenzo ezingukukhohlakala futhi benenga uNkulunkulu, Uzoletha intukuthelo Yakhe phezu kwabo. Uma abantu bephenduka ngeqiniso, inhliziyo kaNkulunkulu iyashintsha futhi intukuthelo Yakhe iyaphela. Uma abantu beqhubeka bephikisana noNkulunkulu, ulaka Lwakhe olukhulu ngeke luphele; ulaka Lwakhe luzoya lubacindezela kancane kancane baze babhubhe. Lokhu ubukhona besimo sikaNkulunkulu. Akukhathaliseki ukuthi uNkulunkulu ukhombisa ulaka noma isihe nomusa, inkambo yomuntu, ukuziphatha kanye nesimo sengqondo ngoNkulunkulu ekujuleni kwenhliziyo yakhe yikho okulawula lokho okuvezwayo ngokwembuleka kwesimo sikaNkulunkulu. Uma uNkulunkulu ebeka umuntu ngaphansi kolaka Lwakhe njalo, inhliziyo yalowo muntu akungabazeki, iphikisana noNkulunkulu. Ngoba akakaze aphenduke ngeqiniso, agobe ikhanda ngaphambili kukaNkulunkulu noma abe nokholo lwangempela kuNkulunkulu, akakaze athole isihe nokubekezelelwa kukaNkulunkulu. Uma umuntu evamile ukuthola ukunakekelwa nguNkulunkulu futhi evamile ukuthola isihe nokubekezelela kukaNkulunkulu, kusho ukuthi lo muntu ngokungangabazeki unokukholwa okuyiqiniso kuNkulunkulu enhliziyweni yakhe, futhi inhliziyo yakhe ayimelene noNkulunkulu. Uvama ukuphenduka ngeqiniso phambili kukaNkulunkulu; ngakho noma ngabe ukuqondisa kukaNkulunkulu kuvame ukwehlela kulo muntu, kodwa ulaka Lwakhe aluzi.

Le ndaba emfushane ivumela abantu ukuthi babone inhliziyo kaNkulunkulu, ukubona ukubakhona kwangempela kobukhona Bakhe, ukubona ukuthi intukuthelo kaNkulunkulu nokushintsha kwenhliziyo Yakhe akwenzeki ngaphandle kwesizathu. Naphezu komahluko omkhulu uNkulunkulu awukhombisa ngesikhathi Ethukuthele nangesikhathi Eshintsha inhliziyo Yakhe, okwenza abantu bakholwe ongathi kunesikhala esikhulu noma umahluko omkhulu phakathi kwalezi zingxenye ezimbili zengqikithi kaNkulunkulu—ulaka Lwakhe nokubekezelela Kwakhe—isimo sengqondo sikaNkulunkulu mayelana nokuphenduka kwabantu baseNineve, kuyaphinda futhi kuvumela abantu ukuthi babone lena enye ingxenye yesimo sikaNkulunkulu sangempela. Ukushintsha kwenhliziyo kaNkulunkulu ngempela kuvumela isintu ukuthi siphinde sibone iqiniso le sihe nomusa kaNkulunkulu kanye nokubona isambulo sangempela sobukhona bukaNkulunkulu. Isintu kufanele sivume nje ukuthi isihe nomusa kaNkulunkulu awuyona inganekwane noma amanga. Lokhu kungenxa yokuthi umuzwa kaNkulunkulu wabe uyiqiniso ngaleso sikhathi; ukushintsha kwenhliziyo kukaNkulunkulu kwabe kuyiqiniso; uNkulunkulu impela waphinda futhi waletha isihe nokubekezelela Kwakhe esintwini.


Ukuphenduka Kweqiniso Ezinhliziyweni zabantu baseNineve Kubazuzela Umusa kaNkulunkulu futhi Kushintsha Iziphetho Zabo


Kwakukhona ukuphikisana phakathi kokushintsha kwenhliziyo kaNkulunkulu kanye nentukuthelo Yakhe? Lutho neze! Lokhu kungenxa yokuthi ukubekezelela kukaNkulunkulu kwabe kunesizathu ngaleso sikhathi. Kungabe kwakuyisiphi lesosizathu? Yileso esinikwe eBhayibhelini: “kubuyiswe yilowo nalowo endleleni yakhe embi” “nasebudloveni obusezandleni zakhe.”

“Le ndlela embi” ayisho idlanzana lezi zenzo ezimbi, kodwa umthombo omubi ongemuva kokuziphatha kwabantu. “Kubuyiswe yilowo nalowo endleleni yakhe embi” kuchaza ukuthi labo abathintekile ngeke baphinde bazenze lezi zinto futhi. Ngamanye amazwi, ngeke baphinde baziphathe ngale ndlela embi; indlela, umthombo, inhloso, okuqondiwe kanye nesimiso sezenzo zabo, kwabe konke kushintshile; ngeke baphinde basebenzise lezo zindlela nezimiso ukuletha injabulo nentokozo ezinhliziyweni zabo. Ukuthi “kubuyiswe” ku “kubuyiswe….nasebudloveni obusezandleni zakhe” kusho ukushiya noma ukulaxaza, ukuhlukanisa phakathi kwakho nesikhathi esidlule futhi ukungabuyeli emuva. Ngesikhathi abantu baseNineve beshiya ubudlova obusezandleni zabo, lokhu kwafakazela futhi kwamela ukuphenduka kwabo kweqiniso. UNkulunkulu uyabuka ingaphandle laba bantu kanye nezinhliziyo zabo. Ngesikhathi uNkulunkulu ebona ukuphenduka kwangempela ezinhliziyweni zabantu baseNineve ngaphandle kombuzo futhi wabona ukuthi babezishiyile izindlela zabo ezimbi baphinde balahla phansi ubudlova ezandleni zabo, Washintsha inhliziyo Yakhe. Lokhu kungukuthi inkambo nokuziphatha kwalaba bantu nezindlela ezehlukehlukene zokwenza izinto, kanye nokuvuma nokuphenduka ngeqiniso, ezonweni ezinhliziyweni zabo, kwenza uNkulunkulu ukuba ashintshe inhliziyo Yakhe, ashintshe izinhloso Zakhe, ahoxise isinqumo Sakhe futhi angabajezisi noma ababhubhise. Ngakho, abantu baseNineve baphumelela ukuthola isiphetho esihlukile. Bahlenga izimpilo zabo futhi ngesikhathi esifanayo, bawina isihe nokubekezelela kukaNkulunkulu, okuyilapho futhi uNkulunkulu wahoxisa ulaka Lwakhe.


kwethi Izwi Livela Lisenyameni

Umthombo: IBandla LikaNkulunkulu USomandla

Awekho amazwana:

Thumela amazwana