Wonke umuntu okholwa kuNkulunkulu futhi abuyele kuNkulunkulu unengqondo engavamile. Lokhu okuhlangenwe nakho kuhlukile.

ISonto, Disemba 8, 2019

3. Ekukholweni KuNkulunkulu, Kufanele Wakhe Ubudlelwane Obejwayelekile NoNkulunkulu.

Amazwi KaNkulunkulu Abalulekile:

Ekukholelweni kuNkulunkulu, okungenani kumele ulungise indaba yokuba nobuhlobo obujwayelekile noNkulunkulu. Ngaphandle kobuhlobo obujwayelekile noNkulunkulu, kuyalahleka ukubaluleka kokukholelwa kuNkulunkulu. Ukwakha ubuhlobo obujwayelekile noNkulunkulu ngokugcwele kutholakala ngokuthulisa inhliziyo yakho phambi kukaNkulunkulu. Ubuhlobo obujwayelekile noNkulunkulu busho ukuthi ungakwazi ukungabaza noma ukuphika noma imuphi umsebenzi kaNkulunkulu futhi uwuthobele, ngaphezu kwalokho kusho ukuba nezinhloso ezinhle phambi kukaNkulunkulu, ungacabangi ngawe, uhlale wenza izinto ezithandwa umndeni kaNkulunkulu zibe into ebaluleke kakhulu kunoma yini oyenzayo, wamukele ukuhlolwa uNkulunkulu, futhi uzithobe emalungiselweni kaNkulunkulu. Uyakwazi ukuthulisa inhliziyo yakho phambi kukaNkulunkulu noma nini lapho wenza noma yini; yize noma ungayiqondi intando kaNkulunkulu, kusamele ufeze imisebenzi yakho kanye nezibopho ngendlela engcono kakhulu ongakwazi ngayo. Akukephuzi kakhulu ukulinda ukuthi intando kaNkulunkulu yembulwe kuwe bese ukwenza lokhu. Lapho ubuhlobo bakho noNkulunkulu sebujwayelekile, uyophinde ube nobuhlobo obujwayelekile nabantu. Yonke into yakhelwe esisekelweni samazwi kaNkulunkulu. Ngokudla nokuphuza amazwi kaNkulunkulu, ukwenza ngokuhambisana nezimfuno zikaNkulunkulu, ukulungisa imibono yakho, ungenzi izinto eziphika uNkulunkulu noma ziphazamise ibandla. Ungazenzi izinto ezingakuzuzisi ukuphila kwabafowethu nodadewethu, ungazisho izinto ezingabasizi abanye abantu, ungazenzi izinto eziyihlazo. Yiba nobulungiswa nenhlonipho lapho wenza zonke izinto futhi uzilethe zonke phambi kukaNkulunkulu. Ngisho noma inyama ibuthaka ngezinye izikhathi, uyakwazi ukusondeza okubaluleke kakhulu ekuzuziseni umndeni kaNkulunkulu, ungafuni ezakho izinzuzo, futhi wenze okulungile. Uma ungenza ngale ndlela, ubuhlobo bakho noNkulunkulu buyoba obujwayelekile.


Kucashunwe “Bunjani Ubuhlobo Bakho NoNkulunkulu?” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Noma nini lapho wenza noma yini, kumele uhlole ukuthi zilungile yini izisusa zakho. Uma ukwazi ukwenza ngokuhambisana nezimfuno zikaNkulunkulu, kusho ukuthi ubuhlobo bakho noNkulunkulu bujwayelekile. Lesi isikali okuqalwa kuso. Uma, ngesikhathi uhlola okukugqugquzelayo kwakho, kuba nalokho okungalungile, futhi uma ungakwazi ukuzifulathela wenze okuhambisana namazwi kaNkulunkulu, kusho ukuthi uyoba umuntu olungile phambi kukaNkulunkulu, okuyoveza ukuthi ubuhlobo bakho noNkulunkulu bujwayelekile, nokuthi konke okwenzayo kungenxa kaNkulunkulu, hhayi ngenxa yakho. Noma nini lapho wenza noma usho okuthile, kumele ulungise inhliziyo yakho, ube olungile, ungaholwa yimizwa yakho, noma wenze intando yakho. Lena imiyalo amakholwa kaNkulunkulu aziphatha ngayo. Izisusa nesiqu somuntu kungembuleka entweni encane, ngakho ukuze abantu bangene endleleni yokwenziwa baphelele kuNkulunkulu, kumele baqale balungise izisusa zabo nobuhlobo babo noNkulunkulu. Kulapho kuphela ubuhlobo bakho noNkulunkulu buvamile, lapho uyokwazi khona ukupheleliswa uNkulunkulu, kulapho kuphela lapho ukusebenza kukaNkulunkulu, ukukuhlanza, ukukuyala, nokukucwenga kuyokwazi khona ukufinyelela umphumela ofunekayo. Lokho kusho ukuthi, abantu bayakwazi ukuba noNkulunkulu ezinhliziyweni zabo, bangafuni izinzuzo zabo, bangacabangi ngekusasa labo (okubhekisela ekucabangeni kwenyama), kodwa kunalokho bathwala umthwalo wokungena ekuphileni, benza okusemandleni ukufuna iqiniso, bazithobe emsebenzini kaNkulunkulu. Ngale ndlela, izinhloso ozifunayo zilungile, futhi ubuhlobo bakho noNkulunkulu bujwayelekile. Kungashiwo ukuthi ukulungisa ubuhlobo bomuntu noNkulunkulu kuyigxathu lokuqala ekungeneni ohambweni lomuntu lomoya. Nakuba ikusasa lomuntu lisezandleni zikaNkulunkulu, futhi like lashiwo uNkulunkulu, bengeke bazishintshele bona, ukuthi ungapheleliswa yini uNkulunkulu noma uzuzwe uNkulunkulu kuncike ekutheni bujwayelekile yini ubuhlobo bakho noNkulunkulu. Mhlawumbe kunezingxenye zakho ezibuthakathaka noma ezingalaleli—kodwa uma nje umbono wakho ulungile futhi izisusa zakho zilungile, uma nje ubulungisile ubuhlobo bakho noNkulunkulu wabenza baba obujwayelekile, uyoba ngofanele ukupheleliswa uNkulunkulu. Uma ungenabo ubuhlobo obuhle noNkulunkulu, wenza ngenxa yenyama, noma yomndeni wakho, khona-ke akunandaba ukuthi usebenza kanzima kangakanani kodwa kuyoba yize. Uma ubuhlobo bakho noNkulunkulu bujwayelekile, yonke into iyohlangana. UNkulunkulu akabheki okunye, kodwa ubheka kuphela ukuthi imibono yakho ekukholelweni kuNkulunkulu ilungile yini: ubani okholelwa kuye, ukholwa ngenxa kabani, nokuthi kungani ukholwa. Uma ukwazi ukuzibona kahle lezi zinto, futhi ukwazi ukulungisa imibono yakho kanye nezenzo, ukuphila kwakho kuyokwenza intuthuko, uyaqiniseka ngokwenziwa ungene emgudwini ofanele. Uma ubuhlobo bakho noNkulunkulu bungajwayelekile, nemibono yakho ekukholelweni kuNkulunkulu kungamukeleki, lokhu kuyonqanda konke okunye. Akunandaba ukuthi ukholelwa kanjani kuNkulunkulu, ngeke uzuze lutho. Uma ubuhlobo bakho noNkulunkulu bujwayelekile uNkulunkulu uyokwamukela lapho kuphela, lapho ufulathela inyama, uthandaza, uhlupheka, ubekezela, ulalela, usiza abafowethu nodadewethu, unikela ngeminye imizamo kuNkulunkulu, njalo njalo.


Kucashunwe “Bunjani Ubuhlobo Bakho NoNkulunkulu?” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Abantu bakholwa kuNkulunkulu, bathanda uNkulunkulu, futhi banelisa uNkulunkulu ngokuthinta uMoya kaNkulunkulu ngenhliziyo yabo, kanjalo bazuza ukwaneliseka Kwakhe; futhi lapho bedingida amazwi kaNkulunkulu ezinhliziyweni zabo, babe sebekhuthazwa uMoya kaNkulunkulu. Uma ufisa ukufinyelela ekuphileni okufanele komoya futhi wakhe ubudlelwane obufanele noNkulunkulu, kumele uqale unikele ngenhliziyo yakho Kuye, uthulise inhliziyo yakho phambi Kwakhe. Kungemva kokuba uthulule yonke inhliziyo yakho kuNkulunkulu kuphela lapho ungakwazi khona kancane kancane ukuba nokuphila komoya okufanele. Uma, ekukholweni kwabo Kuye, abantu benganikeli ngenhliziyo yabo kuNkulunkulu, uma inhliziyo yabo ingekho Kuye, futhi bengabheki umthwalo Wakhe njengowabo, yonke into abayenzayo iwukukhohlisa uNkulunkulu, futhi iwukuziphatha kwabantu benkolo, lokhu akukwazi ukwamukela ukuncoma kukaNkulunkulu. UNkulunkulu akakwazi kuthola lutho kulolu hlobo lomuntu; lolu hlobo lomuntu lungasebenza kuphela njengesiqhathaniso emsebenzini kaNkulunkulu, njengomhlobiso endlini kaNkulunkulu, luqede indawo futhi alulusizo lwalutho—uNkulunkulu akalusebenzisi lolu hlobo lomuntu. Kumuntu onjalo, akugcini nje ngokuthi lingabi bikho ithuba lomsebenzi kaMoya oNgcwele, kodwa ngaphezu kwalokho akukho ukubaluleka kokupheleliswa; lolu hlobo lomuntu lufana nokuthi “luhamba lufile” ngempela—alunazo izinto ezingasetshenziswa uMoya oNgcwele—bonke bathunjwe uSathane, bakhohlakaliswe kakhulu nguSathane, yibona uNkulunkulu afuna ukubasusa. Okwamanje uMoya oNgcwele akagcini nje ngokusebenzisa abantu ngokulunga kwabo, kodwa futhi uphelelisa futhi aguqule iziphambeko zabo. Uma inhliziyo yakho ingathululelwa kuNkulunkulu, futhi uthule phambi kukaNkulunkulu, uyoba nethuba nokufaneleka ukusetshenziswa uMoya oNgcwele, ukuthola ukukhanyiselwa nokukhanyisa kukaMoya oNgcwele, futhi ngaphezu kwalokho uyothola ithuba lokuba uMoya oNgcwele akwazi ukulungisa amaphutha akho. Lapho unikela ngenhliziyo yakho kuNkulunkulu, ungangena ujule engxenyeni enhle, ube sezingeni eliphakeme lokwazi; ohlangothini olungeluhle, uyowaqonda kakhudlwana amaphutha neziphambeko zakho, uyokulangazelela nakakhulu ukufuna ukwanelisa intando kaNkulunkulu, futhi ngeke uyekelele, uyongena ngomdlandla, futhi lokho kuyosho ukuthi uwumuntu olungile.


Kucashunwe “Ukwakha Ubudlelwane Obufanele NoNkulunkulu Kubaluleke Kakhulu” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Uma ufuna ukuba nobudlelwane obufanele noNkulunkulu, inhliziyo yakho kumele iphendukele kuNkulunkulu, futhi kulesi sisekelo, uyophinde ube nobudlelwane obufanele nabanye abantu. Uma ungenabo ubudlelwane obufanele noNkulunkulu, akunandaba ukuthi wenzani ukuze ulondoloze ubudlelwane bakho nabanye abantu, akunandaba ukuthi usebenza kanzima kangakanani noma ukuthi ukhipha amandla angakanani kukho, kusengokwefilosofi yempilo yomuntu. Ulondoloza isikhundla sakho phakathi kwabantu ngombono womuntu nefilosofi yabantu ukuze bakudumise. Ubudlelwane obufanele nabanye abantu awubakhi ngokuvumelana nezwi likaNkulunkulu. Uma ungagxili ebudlelwaneni bakho nabantu kodwa ulondoloze ubudlelwane obufanele noNkulunkulu, uma uzimisele ukunikela ngenhliziyo yakho kuNkulunkulu futhi ufunde ukumlalela, ngokwemvelo, ubudlelwane bakho nabo bonke abanye abantu buyoba ubufanele. Ngale ndlela, lobu budlelwane abakhiwe enyameni, kodwa esisekelweni sothando lukaNkulunkulu. Zicishe zingabi bikho izingxoxo ezisekelwe enyameni, kodwa emoyeni kunokuzwana kanye nothando, induduzo, nokunakekelana. Konke lokhu kwenziwa esisekelweni senhliziyo eyanelisa uNkulunkulu. Lobu budlelwane abulondolozwa ngokuncika kufilosofi yempilo yomuntu, kodwa bakhiwa ngokwemvelo ngomthwalo kaNkulunkulu. Abuyidingi imizamo yabantu—benziwa ngezimiso zezwi likaNkulunkulu. Ingabe uzimisele ukucabanga ngentando kaNkulunkulu? Ingabe uzimisele ukuba umuntu “ongacabangi” phambi kukaNkulunkulu? Ingabe uzimisele ukunikela ngenhliziyo yakho ngokugcwele phambi kukaNkulunkulu, ungacabangi ngesikhundla sakho phakathi kwabantu? Kubo bonke abantu ofuna ukuxhumana nabo, yibaphi kubo onobudlelwane obuhle nabo? Yibaphi kubo onobudlelwane obubi nabo? Ingabe ubudlelwane bakho nabantu bufanele? Ingabe uphatha bonke abantu ngokulinganayo? Ingabe ubudlelwane bakho nabanye bulondolozwa ngokwefilosofi yempilo yakho, noma bakhiwe esisekelweni sothando lukaNkulunkulu? Lapho umuntu enganikeli ngenhliziyo yakhe kuNkulunkulu, umoya wakhe uyadideka, uba ndikindiki futhi ungaphili. Lolu hlobo lomuntu alusoze lwawaqonda amazwi kaNkulunkulu, futhi alusoze lwaba nobudlelwane obufanele noNkulunkulu; lolu hlobo lomuntu alusoze lwaguqula isimo salo. Ukuguqula isimo somuntu yinqubo lapho umuntu enikela ngenhliziyo yakhe ngokugcwele kuNkulunkulu, neyokwamukela ukukhanyiselwa nokucaciselwa emazwini kaNkulunkulu. Umsebenzi kaNkulunkulu ungenza umuntu angene ngomdlandla, nokuba umenze ashiye izingxenye eziphambene ngemva kokuthola ulwazi. Lapho ukwazi ukunikela ngenhliziyo yakho kuNkulunkulu, uyokwazi ukubona konke ukunyakaza okunganakekile emoyeni wakho, futhi uzokwazi noma ikuphi ukukhanyiselwa nokukhanyiswa okwamukelwe kuNkulunkulu. Bambelela kulokhu, futhi kancane kancane uzongena endleleni yokupheleliswa uMoya oNgcwele. Lapho nje inhliziyo yakho iba nokuthula phambi kukaNkulunkulu, umoya wakho uyozwela nakakhulu futhi ube muhle, futhi lapho umoya wakho ukwazi ukubona umnyakazo kaMoya oNgcwele, ubudlelwane bakho noNkulunkulu buyoba obufanele nakakhulu. Ubudlelwane obufanele phakathi kwabantu bakhiwe esisekelweni sokunikela ngenhliziyo yabo kuNkulunkulu; akufinyelelwanga kubo ngemizamo yabantu. Ngaphandle kukaNkulunkulu ezinhliziyweni zabo, ubudlelwane obuphakathi kwabantu buwubudlelwane benyama nje. Abufanele, kodwa bunokuzitika kwenkanuko—buwubudlelwane uNkulunkulu abenyanyayo, abuzondayo. Uma uthi umoya wakho unyakazisiwe, kodwa uhlale ufuna ukuba nezingxoxo nabantu abakukhangayo, nanoma ubani ombheka njengobalulekile, futhi uma kuba nomunye ofunayo ongaveli kuwe, ongamthandi futhi ongeke uxoxe naye, lokhu kuwubufakazi obuthe xaxa bokuthi ungumuntu ozwelayo futhi awunabo nhlobo ubudlelwane obufanele noNkulunkulu. Uzama ukukhohlisa uNkulunkulu umboze ububi bakho. Ngisho noma ungaxoxa ngokunye ukuqonda kodwa uthwele izonhloso ezimbi enhliziyweni yakho, konke okwenzayo kuhle kuphela ezindinganisweni zomuntu. UNkulunkulu ngeke akuncome—wenza ngokuvumelana nenyama, hhayi ngokuvumelana nomthwalo kaNkulunkulu. Uma ukwazi ukuthulisa inhliziyo yakho phambi kukaNkulunkulu futhi ube nobuhlobo obuhle nabo bonke labo abathanda uNkulunkulu, yilapho kuphela uyofaneleka khona ukusetshenziswa uNkulunkulu. Ngale ndlela, akunandaba ukuthi uzwana kanjani nabanye, ngeke kube ngokwefilosofi yempilo, kodwa kuyoba ukuphila phambi kukaNkulunkulu, ukucabanga ngomthwalo Wakhe.


Kucashunwe “Ukwakha Ubudlelwane Obufanele NoNkulunkulu Kubaluleke Kakhulu” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Ngoba wonke amazwi kaNkulunkulu, ngemva kokuwafunda futhi wawaqonda, kufanele uwenze. Ngaphandle kwendlela owawujwayele ukuwenza ngayo—mhlawumbe phambilini inyama yakho yayibuthakathaka, wawudlubulunda, futhi wawuphikisa—lena akuyona into enkulu, futhi akukwazi ukuphazamisa ukuphila kwakho kungakhuli kusukela namhlanje. Uma nje usakwazi ukuba nobuhlobo obujwayelekile noNkulunkulu namuhla, lisekhona ithemba. Uma ngaso sonke isikhathi ofunda ngaso amazwi kaNkulunkulu, unezinto ezishintshile futhi uvumele abanye abantu babone ukuthi ukuphila kwakho kushintshile kwaba ngcono, kunokubonisa ukuthi unobuhlobo obujwayelekile noNkulunkulu nokuthi bulungile. Indlela uNkulunkulu aphatha ngayo abantu ayincikile eziphambekweni zabo. Uma nje ungakadlubulundi futhi ungaphindi uphikise ngemva kokuqonda nokubona, khona-ke uNkulunkulu usazoba nomusa kuwe. Lapho unalokhu kuqonda nesifiso sokulwela ukupheleliswa uNkulunkulu, khona-ke isimo sakho phambi kukaNkulunkulu siyoba esijwayelekile. Noma yini oyenzayo, cabanga: UNkulunkulu uzocabangani uma ngenza lokhu? Kuzobasiza yini abafowethu nodadewethu? Kuyoba nenzuzo emsebenzini wendlu kaNkulunkulu? Hlola izinhloso zakho emthandazweni, ezingxoxweni, ekukhulumeni, emsebenzini, nasekuxhumaneni nabantu, uhlole ukuthi ubuhlobo bakho noNkulunkulu bujwayelekile noma cha. Uma ungakwazi ukuhlukanisa izinhloso nemicabango yakho, kusho ukuthi awukwazi ukuhlukanisa, okufakazela ukuthi kuncane kakhulu okwaziyo ngeqiniso. Uma ukwazi ukuba nokuqonda okucacile ngakho konke uNkulunkulu akwenzayo, ukubona izinto ngokuhambisana nezwi likaNkulunkulu nokubona izinto ngokuma ngasohlangothini lukaNkulunkulu, khona-ke imibono yakho iyoba ngelungile. Ngakho, ukwakha ubuhlobo obuhle noNkulunkulu kuyinto ehamba phambili kuwo wonke umuntu okholelwa kuNkulunkulu; wonke umuntu kufanele akubheke njengomsebenzi obaluleke kakhulu nanjengesehlakalo esikhulu kakhulu. Yonke into oyenzayo kufanele ikale ukuthi unabo yini noma cha ubuhlobo obujwayelekile noNkulunkulu. Uma ubuhlobo bakho noNkulunkulu bujwayelekile nezinhloso zakho zilungile, kwenze. Ukuze uvikele ubuhlobo obujwayelekile noNkulunkulu, akufanele wesabe ukulahlekelwa izinto ozithandayo, akufanele uvumele uSathane anqobe, akufanele uvumele uSathane athole into embi kuwe, futhi akufanele uvumele uSathane akwenze inhlekisa. Inhloso enjalo iveza ukuthi ubuhlobo bakho noNkulunkulu bujwayelekile. Akuyona eyenyama, kunalokho ngeyengxenye yomoya, ngeyokuzuza umsebenzi woMoya Ongcwele nokwanelisa intando kaNkulunkulu. Uma uzongena esimweni esifanele, kufanele wakhe ubuhlobo obuhle noNkulunkulu, kumele ulungise umbono wakho wokukholelwa kuNkulunkulu. Ngobokuvumela uNkulunkulu akuzuze, ukuvumela uNkulunkulu aveze izithelo zamazwi Akhe kuwe, futhi akukhanyisele ngisho nakakhulu. Ngale ndlela uyongena endleleni efanele. Yidla futhi uphuze njalo amazwi kaNkulunkulu amanje, ungene endleleni yamanje yomsebenzi kaMoya oNgcwele, yenza ngokuvumelana nezimfuno zamanje zikaNkulunkulu, ungalandeli imikhuba eyisidala, ungabambeleli ezindleleni ezindala zokwenza izinto, ungene ngokushesha endleleni yomsebenzi wanamuhla. Ngale ndlela ubuhlobo bakho noNkulunkulu buyoba obujwayelekile ngokugcwele futhi uyongena emgudwini ofanele wokukholelwa kuNkulunkulu.


    Kucashunwe “Bunjani Ubuhlobo Bakho NoNkulunkulu?” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Umthombo: IBandla LikaNkulunkulu USomandla

Okuqukethwe Okuhlobene: Yilabo Abazi UNkulunkulu Kuphela Abangafakaza ngoNkulunkulu

Awekho amazwana:

Thumela amazwana