Wonke umuntu okholwa kuNkulunkulu futhi abuyele kuNkulunkulu unengqondo engavamile. Lokhu okuhlangenwe nakho kuhlukile.

Kuboniswa okuthunyelwe okunelebula ubungcwele bukaNkulunkulu. Bonisa konke okuthunyelwe
Kuboniswa okuthunyelwe okunelebula ubungcwele bukaNkulunkulu. Bonisa konke okuthunyelwe

ULwesithathu, Disemba 4, 2019

Isahluko 8 Iziphetho Zezinhlobo Ezahlekene Zabantu Nesithembiso SikaNkulunkulu Kumuntu

Amazwi KaNkulunkulu Abalulekile:

Umsebenzi Wami uhlala iminyaka eyizinkulungwane eziyisithupha, futhi ngiyethembisa ukuthi ukulawula komubi esintwini sisonke nakho kuyoba ngokweminyaka eyizinkulungwane eziyisithupha. Ngakho, siphelile isikhathi. Angisaqhubeki futhi angisadebeseli manje:

ULwesibili, Novemba 26, 2019

3. Insindiso Ingeza Kuphela Ngokukholwa KuNkulunkulu USomandla

Amazwi KaNkulunkulu Abalulekile:

Ngesikhathi uJesu eza emhlabeni wabantu, weza neNkathi Yomusa waqeda iNkathi Yomthetho. Ezinsukwini zokugcina, uNkulunkulu wabuye waba yinyama, wathi ukuba abe yinyama ngalesi sikhathi, waqeda iNkathi Yomusa waletha iNkathi Yombuso. Bonke labo abemukela ukuba senyameni kwesibili kukaNkulunkulu bazongena eNkathini Yombuso, bakwazi ukuvuma ngokwabo ukuholwa nguNkulunkulu.

UMsombuluko, Novemba 25, 2019

2. UNkulunkulu USomandla UyiNkosi UJesu Ebuyile

Amazwi KaNkulunkulu Abalulekile:

Emva komsebenzi kaJehova, uJesu waba inyama ukuze enze umsebenzi Wakhe phakathi kwabantu. Umsebenzi Wakhe awenziwanga uzimele wodwa, kodwa wakhelwa phezu komsebenzi kaJehova. Kwakungumsebenzi wenkathi entsha ngemva kokuba uNkulunkulu eqedile ngeNkathi Yomthetho. Ngokufanayo, ngemva kokuba uphelile umsebenzi kaJesu,

ULwesithathu, Okthoba 16, 2019

2. Kungani uNkulunkulu kufanele ahlulele futhi asole abantu?

Amazwi KaNkulunkulu Abalulekile:

Yize uJesu enza umsebenzi omningi kubantu, waqeda kuphela ukuhlengwa kwabantu waba umnikelo wezono zabantu, wangasisusa isimo senkohlakalo yomuntu. Ukusindisa umuntu ngokugcwele ekuthonyweni uSathane akudingi kuphela ukuthi uJesu athathe izono zabantu njengomnikelo wesono, kodwa kudinga ukuba noNkulunkulu enze umsebenzi omkhulu ukuze kuqedwe nya lesi simo somuntu, esiye sonakaliswa uSathane. 

UMsombuluko, Septhemba 2, 2019

I. Ubani Omkhulu: UNkulunkulu, noma IBhayibheli? Ebudlelwaneni Obuphakathi KukaNkulunkulu NeBhayibheli

1. Eminyakeni eminingi, izindlela zomdabu zabantu zokukholwa (lezo zobuKristu, okungenye yezinkolo ezintathu ezinkulu emhlabeni) bekuwukufunda iBhayibheli; ukusuka eBhayibhelini akulona ukholo eNkosini, ukusuka eBhayibhelini kuyinkolelo-ze embi, kanye nokuhlubuka,

ISonto, Mashi 18, 2018

Isahluko 40

KuNkulunkulu, umuntu ufana nento yokudlala ayibambe Kuye, njengendolomba edonswe ezandleni Zakhe—engancishiswa noma ikhuliswe ngendlela uNkulunkulu afisa ukwenza ngayo, ukuze enze akuthandayo ngayo. Kulungile ukusho ukuthi umuntu ngempela uyinto yokudlala ezandleni zikaNkulunkulu, njengekati le-Persian elithengwe owesifazane emakethe. Ngaphandle kokungabaza, uyinto yokudlala ezandleni zikaNkulunkulu—ngakho bekungekho phutha ngolwazi lukaPetru. 

UMsombuluko, Mashi 12, 2018

Isahluko 21

Emehlweni kaNkulunkulu, abantu banjengezilwane emhlabeni wezilwane. Bayalwa, babulalane futhi baxhumane nabanye ngokumangalisayo. Emehlweni kaNkulunkulu, baphinde futhi bafane nezinkawu, bakhelana uzungu kungakhathaleki ubudala noma ubulili. Ngalokho, konke lokho isintu sonke esikwenzayo nesikubonakalisayo akukaze kube okwenhliziyo kaNkulunkulu. 

UMgqibelo, Januwari 6, 2018

Isahluko 17

Izwi Lami likhala njengokuduma kwezulu, likhanyise amagumbi omane nomhlaba wonke, phakathi kokuduma kwezulu nokushaya konyazi, umuntu uqumbeka phansi. Akekho umuntu oke wema wanganyakaziseka uma kuduma izulu kushaya nombani:

ULwesihlanu, Januwari 5, 2018

Isahluko 19

Kuyisibopho sabantu ukuthi bathathe amazwi Ami njengesisekelo sokuphila kwabo. Umuntu kumele akhele ingxenye yakhe kuzo zonke izingxenye zamazwi Ami; ukungakwenzi lokhu kuzoba ukuzibizela izinkinga, ukuzifunela ukubhujiswa. 

ULwesithathu, Januwari 3, 2018

Isahluko 14

Kuyo yonke iminyaka, akekho umuntu oseke wangena embusweni ngakho akekho oke wathokozela umusa weNkathi Yombuso, akekho nowake wabona iNkosi yombuso. Nakuba ngaphansi kokukhanyisa koMoya Wami abantu abaningi bephrofethe ngobuhle bombuso, bazi ingaphandle lawo kuphela, hhayi ukubaluleka kwawo ngaphakathi.